UMMANGALELWA wokuqala ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uMuzikawukhulelwa Sibiya, ubize amaphoyisa ngezilwane ezingenandaba nempilo yomuntu. USibiya ubephekwa ngemibuzo nguMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Kushushiswa abalisa abahlanu okusolwa ukuthi yibona abaqeda ngoMeyiwa ngobusuku besigameko. UMbuso umile ekutheni abalisa abahlanu abashushiswayo bayizinkabi ezaqashwa ukuthi ziyise uMeyiwa kwagoqanyawo.
Kumanje icala lisesigabeni lapho kubangwa ukuthi izitatimende zabamangalewa zokuvuma amacala kufanele yini zemukelwe njengobufakazi enkantolo. Abameli bagibeze uSibiya ebhokisini wethula ubufakazi wase ephoswa imibuzo.
Izolo uSibiya uthe indlela ayehlukunyezwa ngayo amaphoyisa wagcina esayina izitatimende evuma icala ngoba esaba ukuthi angagcina ephangalala. USibiya uthe amaphoyisa ayenesihluku engamazi noma ungumuntu.
“Uma amaphoyisa amaningi ekubopha kungekho nelilodwa elizwelana nawe, labo bantu bayizilwane. Ngiyawesaba amaphoyisa, kungcono uma ngiphambi kwenkantolo angiwasabi. Uma ngihamba namaphoyisa asejele futhi angiwesabi ngoba ngeke angenze lutho,’’ kusho uSibiya.
Uthe indlela ayemhlukumeza ngayo wayephenduka inkomo esengwa yiviyo futhi amaphoyisa ememana azomhlanganyela. Uthe wayeshawa ngisho amaphoyisa ophiko olukhethekile aziwa ngamabherethi.
“Kwake kwafika nalawo okuthiwa yi-TRT nawo angihlukumeza. Ngaze ngacela ukuyiswa ejele ngisuswe ezitokisini zamaphoyisa ukuze angabe esangithola. Hhayi ! impela amaphoyisa angihlukumeze kakhulu,’’ kusho uSibiya.
Uthe amaphoyisa ayemthatha ngezimoto amntantise ehla, enyuka naye ehamba emshaya ethi akakhulume ukuthi wazini ngokufa kukaMeyiwa.
Okunye kuqaphelekile wukuthi bezilokhu ziqhubeka nokushayisana izinkulumo zikaSibiya, nommeli wakhe u-Advocate Thulani Mngomezulu. Uma uSibiya ebuzwa ngokuphambana kwezinkulumo ubevele athi ngeke akhulumele uMngomezulu, ucela inkantolo izwe lokhu akushoyo.
Uthe ngesikhathi ekhuluma nommeli wakhe wayebuye angamtsheli okunye ngoba wayazi ukuthi usazonikwa ithuba azikhulumele konke okwenzeka.
Icala liguqele ukuthi libuyele namuhla enkantolo uMbuso uqhubeke nokupheka uSibiya ngemibuzo.