UMSHUSHISI ecaleni lokufa komrepha u-AKA, u-Advocate Lawrence Gcaba uthe ummangalelwa wesine uMnuz Muziwethemba Gwabeni, ugweve neselula efunwa amaphoyisa.
UGcaba usho lokhu ngesikhathi kuqhubeka isicelo sebheyili sabamangalelwa abahlanu eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesihlanu. Zisongiwe izethulo zesicelo sebheyili, sekulindwe isinqumo.
UKiernan Forbes “AKA”, wadutshulwa wabulawa nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane eThekwini nyakenye. U-AKA nomngani wakhe bathelekelwa amadoda abavithiza ngenhlamvu baphelela khona lapho.
Amaphoyisa akhomba abalisa abayisikhombisa ukuthi yibona ababemlandela okwenyamazane u-AKA bamjuqa bahlukaniselana imali. Abamangalelwa ababili babhajwe eSwatini lapho ababoshelwa khona kanti kusenziwa imizamo yokubabuyisa.
UMbuso waveza uGwabeni njengongqondongqondo kuleli cala okuthiwa wakhokhela abamangalelwa sebeqedile ukubulala umrepha.
UMbuso uyasiphikisa isicelo sebheyili sabamangalelwa ufuna bahlale ejele kuze kuphothulwe icala. UGcaba ukhulume indaba yeselula ezama ukuveza ukuthi uGwabeni angaluphazamisa uphenyo uma engathola ibheyili.
“Kwacelwa abameli bakhe ukuthi basize kulethwe iselula le amaphoyisa angayitholanga efika emzini wakhe. Ummangalelwa uthi iselula yebiwa amaphoyisa futhi icala liphenywa yi-IPID kodwa ohlwini lwezinto ezibhaliwe ezebiwa ayibalwanga iselula,’’ kusho uGcaba.
Uqhubekile uGcaba wathi bafaka isicelo sokuthola amarekhodi ayo le selula bathola okushaqisayo.
“Sathola ukuthi iselula iyasebenza namanje futhi idonsa embhoshongweni edonsa kuwona uma ummangalelwa esemzini wakhe. Umbuzo uthi iphi iselula? Akukhona yini ukuphazamisa uphenyo lokho, ” kubuza uGcaba.
IMantshi uMnuz Vincent Hlatshwayo ibuzisisile ngodaba lweselula, uGcaba wagcizelela yashona phansi ngepeni yabhala okuthile ebhukwini layo.
UMbuso kuleli cala ubukeka ugabe kakhulu ngobufakazi bezobuchwepheshe bamaselula obuninda abamangalelwa ngokuthi babekuphi, nemali abafakelana yona.
Ngaphandle kodaba lweselula, okunye okuvelile wudaba lwabamangalelwa abaseSwatini. Ummeli wabamangalelwa u-Advocate Cyril Mlotshwa ukhale ngokuthi udaba lokubuyiswa kwabo lungase lubambezele.
“Udaba lokuthi kulindwe abamangalelwa abaseSwatini luthinta amalungelo abamangalelwa okuthi icala labo liqulwe ngokushesha liphothulwe. Isicelo sokubuyisa abantu kwelinye izwe siwumdanti odlula ezandleni zabantu abaningi,’’ kusho uMlotshwa.
Kulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo sebheyili yabamangalelwa ngoMeyi 15.