IBE yiqhawe lendawo yangakubo intombazane ebulale uhalakasha lwenhlwathi okuthiwa ibihlalise lubhojozi umphakathi ngisho namadoda imbala abebaleka azephule uma eke ayibona.
UNksz Khombi Dlamini (21) waseMabomvini, KwaMaphumulo, ubeyotheza izinkuni phakathi nesonto ngesikhathi ebona amadoda amabili emba embulula ngejubane ekhala ngokuthi abone ufeleba wenhlwathi.
UNksz Dlamini uthi uvele wathatha ucelemba wakhe waqonda ehlathini obekuqhamuka ngakulo amadoda ngejubane.
Akahambanga ibanga elide kakhulu wazithela kuwo ufeleba olinganiselwa ku-2.5m ubude bawo. Kuthiwa lo feleba ubuqube endleleni unganyakazi ngesikhathi kuqhamuka uNksz Dlamini owunyonyobele wawuhlasela ngocelemba.
Le ntokazi ithi akusona isimanga ukubulala inhlwathi njengoba nomnewabo wayekade eyibulele ngayizolo futhi ziningi kule ndawo.
Uthe kuvamile ukuthi abathezayo nabazingelayo emahlathini bazibone izinhlwathi kule ndawo.
“Ngicabanga ukuthi into emangaze abantu ukuthi le nto yenziwe yintombazane nokuyinto engajwayelekile. Kwaba lula ukuyibulala le nhlwathi ngoba yayiginge imbuzi, yayisuthi ingakwazi nokunyakaza," kusho uNksz Dlamini.
Uthe abantu bayakhala ngezimbuzi zabo ezidliwa yizinhlwathi okuthiwa ziyazicanasela kule ndawo. Le ntokazi ithi isisatshwa ngisho amadoda endawo uma iya esitolo iyawabona ukuthi asayibabaza namanje ngesenzo sayo sobuqhawe.
Umnewabo uMnuz Bonginkosi Dlamini (29) uthe naye usashaqekile ngoba uyamazi udadewabo ukuthi unaso isibindi kodwa ubengacabangi ukuthi angabulala inhlwathi into esatshwa ngisho amadoda.