UCWANINGO lwakamuva lwaseFNB luveza ukuthi u-50% wabantu bakuleli awukulungele ukuthatha umhlalaphansi njengoba ungalondolozi imali eyanele yomhlalaphansi.
UMnuz Samukelo Zwane, oyiNhloko yeFNB Wealth and Investments, uveze ukuthi u-60% wemali eyenziwa ngabasebenzi bakuleli abahola kancane iphelela ekuthengeni ukudla, ukugibela nokurenta. Enye ingxenye ikhokhela izikweletu bese besala no-2% abawulondolozela umhlalaphansi.
Uveze ukuthi abahola kangcono nabacebile bonga u-12% abawufaka ezikhwameni zomhlalaphansi.
“Ukubiza kwezinga lempilo, ukunyuka kwemali-mboleko nokungabi nolwazi olwanele ngezindaba zomhlalaphansi kwenza abantu abahola kancane bangasheshi ukulondoloza imali yomhlalaphansi. Abaningi bathi bazosizwa yizingane zabo noma bazohola impesheni kahulumeni uma sebegugile,” kuchaza uZwane.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu baqale ukulondolozela umhlalaphansi uma beqala ukusebenza noma bangafaka uR300 esikhwameni somhlalaphansi esifanele ngoba yisona esiba nenzalo enhle.
Ubalule ukuthi yize abacebile nabahola kangcono kubukeka sengathi babeka imali eningi yomhlalaphansi kodwa ukuze umuntu ahlale ngokunethezeka ekugugeni kwakhe, kufanele alondoloze u-15% womholo wakhe nyanga zonke.
Ubuye waveza ukuthi abacebile nabahola kahle abahlali phansi dekle uma sebethathe umhlalaphansi kodwa bayasebenza noma bavule amabhizinisi kodwa abahola kancane bavamise ukuhlala phansi dekle ngenxa yokungabi namanye amakhono.
Yize kubukeka sengathi isimo sibi, uZwane uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi abantu abaqala ukusebenza manje sebeqalile ukulondolozela umhlalaphansi.
UMnuz Siphamandla Mkhwanazi, oyisazi somnotho sakwaFNB, uthe balindele ukuthi imali-mboleko yehle ngoNovemba ngenxa yokuqina kwerandi.
Uveze ukuthi ukuqina kwerandi kunomthelela omuhle ngoba kuzokwehlisa intengo kaphethroli neyegilosa njengoba ukudla kuthuthwa ngamaloli.
UMnuz Bheki Mkhize, oyisikhulu seFNB Wealth and Investments, uthe sebezoletha usizo lokwelulekwa ngezimali kuwo wonke umuntu obeka imali eFNB ngoba abafuni ulwazi lwezimali kube ngolwabacebile kuphela.
Ugqugquzele abantu ukuthi bangajahi ukukhipha imali yempesheni njengoba kunohlelo oluzoqala ngoSepthemba (two pot system) olubavumela ukukhipha ingxenye ethile.
Uthe le mali ekhishwayo yenzelwa izimo eziphuthumayo njengeCovid-19 nokunye okungagwemeki.