UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema usabisa ngokuthi iqembu lakhe lizothatha izikhali uma amaphoyisa eke azama ukulwisa abantu abazoba ingxenye yombhikisho ohlelwa yile nhlangano.
I-EFF ihlela ukuba nombhikisho ngoMashi 20 lapho ifuna ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, ehle esikhundleni.
UMalema uthe nakuba umbhikisho wabo uzobe unokuthula kodwa ngeke bananaze ukuthatha izikhali uma amaphoyisa ebalwisa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zokugubha iminyaka engu-10 kwasungulwa i-EFF.
“Ngeke sivume ukuthi benze le nto abayenza ngesikhathi abantu bakithi bemasha ngoMashi 21 (1960) bephikisana nomthetho obaphoqa ukuthi baphathe amapasi. Njengamanje sihlela umbhikisho onokuthula. Uma isimo singavumi ukuthi sibe nombhikisho onokuthula, sizothatha izibhamu.
“Akekho umuntu othi akuthathwe izikhali, kodwa sizozithatha uma isimo sisiphoqa ukuthi sizithathe. Kuzobe kungaqali ngathi ukuthi kuthathwe izikhali. No(Mnuz Nelson) Mandela wazithatha izikhali ngoba isimo sasingavumi ukuthi kube nombhikisho onokuthula.”
UMalema uthe umbhikisho wabo uvuleleke kuwo wonke umuntu.
“Sinxusa zonke izinhlangano ukuba zibe yingxenye yombhikisho. Wonke umuntu wamukelekile njengoba kwenzeka ngesikhathi sibhikishela ukuthi kuphume u( owayengumengameli, uMnuz Jacob) Zuma.”
UMalema uthe uma uRamaphosa engaphumi manje izwe lizoqhubeka nokubhekana nezinkinga okubalwa kuzo nokucishwa kukagesi.
“Njengamanje sisenkingeni, sihleli ebumnyameni. Eqinisweni ukucishwa kukagesi sekusesigabeni sesishiyagalombili, ukuthi nje abafuni ukusho. URamaphosa kufanele aphume. Vele wayeseyibhalile incwadi yokwesula, kwaba khona abamncengayo kwiANC bethi akangasuli.”
UMalema uphinde waveza ukuthi i-EFF izokuba nomcimbi omkhulu wokugubha ukuhlanganisa iminyaka engu-10.Umcimbi uzoba ngoJulayi 29 eFNB Stadium, eNasrec.
Umcimbi uzokwandulelwa eminye imicimbi ehlukene okubalwa kuyo isikhumbuzo sabasebenzi basemayini abashona eMarikana kanye nokunye.UMalema uthe kuningi abakuzuzile njengeqembu kule minyaka eyedlule.
“Njengamanje iqembu likhulile kakhulu. Sesikwaze ukuya ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi bukazwelonke kwaze kwaba kabili. Kuzona zombili izingqungquthela akuzange kube khona izigameko zodlame.
“Kule minyaka sikhombise ukukhula kakhulu komasipala abakhulu bakuleli. Njengamanje sinamalungu ekomitini lemeya kumasipala oyisizinda somnotho wezwe, iJohannesburg.”