KUFE oyedwa kwalimala abantu abangu-48. Bangu-12 abasagcinwe esibhedlela, babili kubo basesimeni esibucayi kulandela ukubhodloka komgwaqo eBree eGoli.
Isidumbu sowesilisa oshonile sitholwe ezintatha njengoba ubuholi bukamasipala waseGoli, obesifundazwe onjiniyela bamanzi nogesi kuleli dolobha kanjalo nabenkampani i-Egoli Gas basebenze kwaze kwasa kutakulwa futhi kuhlolwa umonakalo kule ndawo.
Zingu-34 izimoto ezilimalile kulesi sigameko esithuse izwe lonke ngoLwesithathu ntambama.
Izimoto eziyisikhombisa kwezingu-34 zilimale kakhulu futhi azithathwanga endaweni yesigameko njengoba nazo zizoba yingxenye yophenyo lokuthola ukuthi kwenzakaleni.
Imigwaqo evaliwe nephazamisekile kulokhu kubalwa uBree & Simmons, Bree & Harrison kanjalo noLoveday.
Ubuholi besifundazwe busakholelwa wukuthi wukuqhuma kwe-gas okudale lomonakalo kodwa bulinde umbiko ogcwele ozokhishwa yithimba lezazi.
“Sithenjiswe ukuthi umbiko uzokhishwa ngo-1.00 emini, sithemba ukuthi lo mbiko yiwona ozosikhanyisela ngokuthi yini imbangela yalokhu,” kusho uNdunankulu wesifundazwe uPanyaza Lesufi enxusa umphakathi ukuba ubekezele futhi ungasondeli kule ndawo ngoba akuphephile.
Kubizwe nezinkampani okukholakala ukuthi zinoxhaxha lwezintambo namapayipi kule ndawo okuyiTelkom, iSasol, neTransnet nonjiniyela babo ukuzolekelela ekucubunguleni umsuka walo monakalo.
USiyabonga Kubheka ongomunye wonjiniyela osendaweni yesigameko utshele iSolezwe ukuthi umsebenzi omkhulu obamele njengamanje ukuthola ongumnini wepayipi eliqhumile.
“Njengamanje mthimba ahlukahlukene asendaweni yesigameko ukuqinisekisa ongumnini waleli payipi,” kusho yena.
Uthi ngokwabo basola ukuthi kunezinswelaboya ebezizama ukweba amakhebula kagesi kweminye yemihubhe ekhona emathunjini edolobha asika ipayipi okungelona ngephutha, ngoba igas ayimane iqhume kungekho ukuthikamezeka kuyona.
“Kunemhubhe esuka ePark Station ize iyofika esiteshini samaphoyisa eJeppe, lona umhubhe uhlanganisa iPark Station, uSpoornet wakudala ujoyine iPost Office yakudala ize iyofika esiteshini samaphoyisa eJeppe. Wawusetshenziswa uhulumeni wobandlululo ukuthutha ulwazi oluyimfihlo.
UKubheka uthi izinsolo ezingakaqinisekiswa zikhomba lona ipayipi le-gas.
“Njengamanje amathimba ahlukahlukene sendaweni yesigameko ukuqinisekisa ongumnini waleli payipi,” kusho uKubheka.
UKubheka naye uvumelana nabe-Egoli Gas ngokuthi akulona ipayipi labo eliqhumile.
I-Egoli Gas iphakela izindawo zokudla nge-gas kanti umthamo wabo we-gas awuzange unciphe ngokuqhuma kwaleli payipi ngoba banalo uhlelo lokuhlola igas yabo.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng u-Elias Mawela uthe okwamanje abasoli lutho okungaba yisenzo sezigebengu.
Unxusa ukuthi abantu banikeze amaphoyisa nazo zonke izinhlaka ezikhona ukuba ziphenyisise kahle anduba kuqagelwe ngokwenzekile.