UTHOLWE osebeni lolwandle, eThekwini, ngoMsombuluko esagqoke isikibha se-ANC umfundi waseWelbedacht East eChatsworth owaminza ngoMgqibelo.
USfundo Shezi (16) obefunda uGrade 10 eWelbedene Secondary, waminza kade ehambele irali ye-ANC ebisenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
Uyise, uMnuz Lucas Baloyi ukuqinisekise izolo ukutholakala kwesidumbu sendodana yakhe.
Uthe ushayelwe ucingo ama-life guards ngabo-6 ntambama emazisa ukuthi uSfundo utholakale olwandle olungaseCountry Club.
“Sinikele khona, safike sakuqinisekisa ukuthi uyena. Ubesasigqokile isikibha sakhe se-ANC. Isidumbu sakhe bese siqala ukonakala,” kuchaza uBaloyi.
Uqhube wathi yize kubuhlungu ukulahlekelwa yindodana ngale ndlela kodwa babonga ukutholakala kwethambo layo.
“Sizokwazi ukumfihla ngendlela enesizotha, sazi nokuthi ithambo lakhe likuphi. Bekuzoba buhlungu ezinhliziyweni zethu ukuba ubegcina engatholakali,” usho kanje.
USfundo ngesikhathi eminza wayebhukuda nabangani bakhe olwandle lwaseBlue Lagoon.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa umufi nabangani bakhe basuka eMabhida, baya olwandle beyokhipha ukushisa ngokubhukuda.
Kuthiwa ngesikhathi bebhukuda, kwaqhamuka igagasi elinamandla labathatha. Kuvela ukuthi abangani bakhe babhukuda baphumela ngaphandle, kodwa yena wahluleka, wamuka nolwandle.
Echaza ngohambo lwabo uBaloyi wathi baphuma ekhaya bejabulele ukuyothamela umcimbi.
Waqhuba wathi bagcinana ekuseni ngabo-7 bethathwa amabhasi eWelbedacht East.
Wathi yena nonina omncane kamufi bangena kwelinye ibhasi, kwathi uSfundo nabangani bakhe bangena kwelinye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa iDurban Central.