UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi iqembu lakhe lisazoqhubeka nemibhikisho yokuthi kwehle esikhundleni uMengameli Cyril Ramaphosa.
UMalema uthe umbhikisho wangoMsombuluko, lapho i-EFF ibhikishe ezingxenyeni ezahlukene zezwe, ubuyisiqalo semibhikisho esazokwenzeka.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba, izolo.
UMalema uthe njengoba benzile ngesikhathi belwela ukuthi kwehle esikhundleni owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, basazoqinisa umkhankaso wabo wokuthi kuphume uRamaphosa.
"Thina uyazi ukuthi uma sike saqala into asibe sisayiyeka. Sizolokhu siqhubekile nemibhikisho yethu, kuze kube uRamaphosa uyehla esikhundleni. Miningi imibhikisho enisazoyibona futhi akekho ozovimba imibhikisho yethu."
Izinhlangano eziningi zepolitiki kazizange zibe ingxenye yombhikisho we-EFF.
Lokhu kuyaphambana nobekwenzeka ngesikhathi kunembhikisho yokususa uZuma ekuphatheni ngoba ngaleso sikhathi amaqembu aphikisayo abeba yingxenye yemibhikisho.
UMalema uthe akubakhathazi ukungajoyinwa yiningi lamaqembu aphikisayo embhikishweni wabo.
"Asinendaba nalaba abasigxekayo. Iqiniso wukuthi ngiyazi ukuthi bazogcina besijoyinile. Nangesikhathi sikaZuma kwathatha isikhathi eside ukuthi abanye basijoyine.
Thina sisheshe sizibone izinto. Ngiyazi nabo basazokubona lokhu esikubonayo, bese beba yingxenye yemibhikisho yethu."
UMalema uthe bafuna ukuthi uRamaphosa aboshwe njengoba bemsola ngokwephula imithetho ngendlela asingathe ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe, iPhalaphala.
"Le nto ayiqalile yokuthi avalele uZuma ejele, sifuna ukuthi yenzeke nakuyena. Asikhathali noma ingenzeka manje esengumengameli noma ingenzeka engasekho esikhundleni. Sifuna ayobhadla ejele."
UMalema uthe umbhikisho wangoMsombuluko ube yimpumelelo phezu kwemizamo kahulumeni yokuwuphazamisa.
Usole uhulumeni ngokuzama ukuphazamisa umbhikisho wabo, ngokunqabela izinkampani zamabhasi ukuba zithuthe amalungu e-EFF abefuna ukuya embhikishweni nangokusabisa abantu ngokutshala inqwaba yamaphoyisa.
Uthe nokungacishwa kukagesi ngosuku lombhikisho nakho kube nomthelela.
"Uyacabanga ukuthi ukube ukucishwa kukagesi kwakusesigabeni sesithupha ngosuku lombhikisho, bangaki abantu ababezokuba yingxenye yombhikisho? Vele inhloso yokuthi ugesi ungacishwa kwakuyikho ukuthi abantu bangaphumi ngezinkani.
UMalema uthe basazofuna incazelo egcwele ePhalamende ukuthi kungani uRamaphosa athatha isinqumo sokutshala amasosha angaphezu kuka-3 000 ukuba azogada imibhikisho.
UMalema uthe okubadidayo ukuthi amasosha atshalwe ukuba ahlale inyanga yonke yize umbhikisho kwaba into yosuku olulodwa.
“Sasho kahle ngesikhathi simemezela umbhikisho ukuthi kuzokuba yinto yosuku olulodwa. Asazi ukuthi kungani amasosha etshalwe inyanga yonke. Ngoba sibhekene nongqondongqondo, mhlawumbe kukhona umqondo abaphezu kwawo.”