ISISHOSHOVU esiphila negciwane lengculazi, uMnuz Oziel Mdletshe, uphonsela inselelo abantu abaphila negciwane ukuthi bayihloniphe indlela abayalelwa ngayo ukuba badle imishanguzo yabo.
Ukusho lokhu ngoMsombuluko, eMorningside, ngesikhathi egubha usuku lwakhe lokuzalwa njengoba ebehlanganisa iminyaka engu55, edla anhlamvana.
Isingu-26 iminyaka uMdletshe ephila negciwane.
Uthe zisekhona izinselelo kubantu abaphila nalesi sifo phakathi kwazo ubalule ukuthi abanye babo babuye bakhathale endleleni ukuthatha ngendlela efanele imishanguzo.
“Yikho uthola kwesinye isikhathi sebegula ngoba basuke sebeyekile ukudla imishanguzo,’’ kusho yena.
Uphinde wabalula indaba yokucwaswa kwabantu abaphila naleli gciwane athe nayo ibonakala isadla lubi namanje.
“Yikho uthola bebaningi abantu abaphila nalesi sifo kodwa abanovalo lokuphumela obala ngaso,’’ usho kanje.
Uthe nakuba selilide ibanga eselihanjiwe mayelana nalesi sifo kodwa usemningi omunye umsebenzi okusafanele wenziwe. Ubalule ukuthi sisesikhulu isidingo sokuthi baphume bayofundisa imiphakathi ngaso.
Uthe kusadingeka baqhamuke nezindlela ezingcono zokushumayela ivangeli lokuzivikela kubantu abasha.
“Lokhu kuzosiza ekutheni bakwazi ukusebenzisa kahle ulwazi abalunikwayo ukuze bagweme ukusuleleka ngegciwane,’’ kuchaza uMdletshe.
Wenze isibonelo ngaye ukuthi intsha kwesinye isikhathi ayizinakekeli yize isifundiswe ngalesi sifo.
Uthe naye wathi esadla ubusha bakhe ngo-1997, wathola ukuthi usesulelekile ngalesi sifo. Uthe lokhu kwenzeka nakuba lase likhona ilungu lomndeni wakhe elase lidlule ngaso ngo1993.
“Kulesi sikhathi samanje akekho umuntu ongazi ngalesi sifo kodwa kufanele siqhubeke nokufundisa abantu abasha ngaso ukuze bathathe izinqumo ezifanele ngempilo yabo,’’ usho kanje.
Ubalule ukuthi ezinye zezinto okufanele bazenze ukuthi kukhuthazwe intsha ukuthi izijwayeze ukuyohlolela leli gciwane ukuze izazi isimo sayo.
UMdletshe ushade noNkk Nompumelelo Mdletshe ongenalo leli gciwane.
Echaza ngohambo lwakhe nomyeni wakhe uNkk Mdletshe, uthe akakaze abe novalo kwazise lwase luluningi ulwazi analo ngalesi sifo. Uveze ukuthi wayephinde athembe nokuthi zikhona izindlela zokuthi azivikele.
Ukhale ngokucwaswa kwakhe ngabantu ababengaqondi kahle ukuthi kungani engena ebudlelwaneni nomuntu onegciwane.
“Ngaleso sikhathi ngangiseyintombi nto, abantu abaningi babebona sengathi ikhanda lami alithathi kahle,’’ usho kanje.
Uphethe ngokuthi akazisoli ngesinqumo sakhe ngoba uMdletshe ungumyeni owayekade emthandazela.