KUPHELILE ukuma kolayini abade emahhovisi oMnyango wezaseKhaya ahlale ematasa njengoba sekuvulwe ihhovisi elizokhipha omazisi nama-passport enxanxatheleni yezitolo, iPavilion.
Ekuqaleni kwesonto uNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe ukuvulwa kwehhovisi lezaseKhaya ePavilion kuyingxenye yezinhlelo zabo zokusondeza izinsiza kubantu.
“Sifuna abantu bazithole kalula izinsiza zethu yingakho sivule ihhovisi lapha ePavilion. Azoqhubeka nokusebenza wonke amahhovisi ethu kodwa sizosondeza amanye ezinxanxatheleni zezitolo. Kuningi esikwenzayo ukusondeza izinsiza kubantu njengoba sisebenzisa namabhange,” kusho uMotsoaledi.
Isikhulu sePareto Group okuyiyona engabanikazi bePavilion nezinye izinxanxathela zezitolo, uMnuz Malose Kekana, uthe bayibhizinisi elifuna ukulekelela umphakathi ngayo yonke indlela ngakho bekulula ukuthi basebenzisane noMnyango wezaseKhaya ukuvula ihhovisi.
Uthe amanye amahhovisi azovulwa kwezinye izinxanxathela zezitolo zabo ezikwezinye izifundazwe okubalwa iWestern Cape, Gauteng nezinye.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukushayele izandla ukuvulwa kwehhovisi lezasekhaya ePavilion.
“Yizindaba ezinhle lezi ngoba kusho ukuncipha kolayini abade emahhovisi oMnyango wezaseKhaya amatasa afana nelaseMngeni, elisenkabeni yeTheku nelisePinetown. Uhulumeni usebenza ngokuzikhandla ukuletha izinsiza kubantu,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Amahhovisi asePavilion avulwa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-8 ekuseni kuya ku-15:30 ntambama bese ngoLwesithathu lokugcina enyangeni avulwe ngo-9 ekuseni avalwe ngo-15:30 ntambama.