KUPHENYWA owayeyiphoyisa ngogebhezi lomuntu olwatholwa luthukuswe ebhakedeni ehhovisi ayelisebenzisa ngaphambi kokuthi ashiye emaphoyiseni. Umsolwa ophenywayo ngodaba logebhezi, usanda kuboshelwa icala lokuhlela ukubulala isikhulu samaphoyisa.
UMnuz Roshanlal Banawo (61) kuthiwa amaphoyisa amxine eduze ngodaba logebhezi olwathi uma lutholakala abaningi basala bekhexile. Kusolwa ukuthi kukhona akwaziyo ngogebhezi ngoba lwatholwa ehhovisi lakhe.
UBanawo oboshiwe, wayesesigabeni sikakapteni ngesikhathi eshiya emsebezini futhi kuthiwa unukeka ezenzweni zobugebengu ezinzima. Isolezwe phakathi nesonto libike ngokuboshwa kwakhe ngecala lokuhlela ukubulala usigaxamabhande wamaphoyisa.
Kuvele ukuthi uBanawo ubhekene necala lokuhlela ukubulala uMajor General Francis Slambert, onguMkhuzi wamaPhoyisa esifundeni uMzinyathi. Kuthiwa waqasha izinkabi ukuze zibulale isikhulu samaphoyisa kodwa kwagcina kungenzekanga.
Amaphoyisa athi usigaxamabhande ugagaziswe kwaze kwaba kabili bezama ukumbulala kodwa bengaphumeleleli. UGeneral Slambert, oyisikhulu sesifazane, uqokelwe esikhundleni ngonyaka odlule kanti usinde ebulawa ngoMeyi nango-Agasti.
UBanawo, uvele eNkantolo yeMantshi eDundee, udaba lwahlehla kanti kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili maduze.
Ukuvela kwakhe enkantolo bekumaqondana nodaba lokuhlela ukubulala isikhulu samaphoyisa. Ngesikhathi eboshwa utholwe nezigxivizo zamaphoyisa, ezasenkantolo nesibhamu esikhulu sokuzingela.
Isolezwe ngeMpelasonto lihoshe ukuthi lo msolwa usephenywa ngodaba logebhezi olwatholwa wumsebenzi owayehlanza ihhovisi, owathi uma evula ibhakede wakhuza wababaza. Kuthiwa udaba logebhezi luvuke lwama ngezinyawo emuva kokuboshwa kwakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekisile ukuthi kunecala logebhezi kodwa wacacisa okuthile.
“ Udaba lokuhlelwa kokubulawa kukaSlambert lulodwa kanti udaba lokutholakala kogebhezi wolunye. Yebo lukhona uphenyo oluqhubekayo futhi icala labikwa emaphoyiseni eDundee,’’ kusho uColonel Netshiunda.
Uthe okwatholakala kubukeka njengogebhezi lomuntu, akwaziwa noma yilona ngempela yini kodwa lusathunyeliwe ukuyohlowa kahle.
UNetshiunda ephawula phakathi nesonto uthe lo msolwa oboshiwe ubuye ayamaniswe nezidakamziwa futhi usigaxamabhande ubebonakala njengesiphazamiso emikhubeni yayo le ndoda.