UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal usaxhumana nomkhandlu wososayensi, ababhekele ukuzamazama komhlaba, ukuze uqinisekise ukuthi ukuzamazama komhlaba okwenzeke izolo nangoMgqibelo kulesi sifundazwe kube ngakanani nokuthi yiziphi izindawo ezithintekile.
UNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Sihle Zikalala, uthe umnyango wakhe uthole imibiko kubantu basemphakathini mayelana nokuthi kuke kwaba nokuzamazama komhlaba kwezinye izingxenye zalesi sifundazwe.
"Ososayensi basacubungula ukuthi yiziphi izingxenye zesifundazwe ezithintekile nokuthi ukuzamazama komhlaba okwenzekile kungakanani. Ngakolunye uhlangothi, amathimba ezinhlekelele asabheka ukuthi zikhona yini izakhiwo ezidilikile ngesikhathi kwenzeka lokhu. Okwamanje besingakezwa ukuthi kukhona abantu abalimele noma abashonile ngesikhathi kunalokhu kuzamazama. Sicela umphakathi ungatatazeli okwamanje," kusho uZikalala.
NgoMgqibelo kubikwe ukuthi kube nokuzamazama ezindaweni ezifana naseThekwini nezisenyakatho nesifundazwe naseLesotho phakathi kuka-2 no-3 ntambama, izolo lokhu kwenzeke ngemuva kwehora lesishiyagalolunye.