INHLANGANO yosomabhizinisi, i-Black Business Federation ikhala ngomdonsiswano phakathi kwe-ANC ne-DA okubambezela ukumenyezelwa kweKhabhinethi, ekholwa ukuthi kungalimaza kakhulu osomabhizinisi ikakhulu abancane njengoba iRandi liya ngokuya lintengantenga.
UNobhala-jikelele we-BBF uMnuz Wonder Jaca ekhuluma neSolezwe, uthe ukungamenyezelwa kweKhabhinethi wuMengameli Cyril Ramaphosa, akugcini nje kuphela ngokufaka ingcindezi kosomabhizinisi ikakhulu abansundu abadonsa kanzima, kodwa kushaya nomnotho njengoba kungabalekisa abatshalizimali okufakazelwa ukuphelelwa amandla kwe-Randi uma liqhathaniswa nomnotho wakwamanye amazwe.
“Nakuba elakuleli sekuphele iminyaka ewu-30 lathola inkululeko, kodwa osomabhizinisi abansundu basadonsa kanzima ngakho lokhu kubambezeleka nomdonsiswano, kudala ukuthi isimo sibe sibi kakhulu kubona ngoba kuphazamiseka notshalozimali,” kusho uJaca
Ukusho lokhu nje izingxoxo zokuqokwa kweKhabhinethi kuzwelonke ziyaqhubeka phakathi kwe-DA ne-ANC osekuphele amasonto amabili abantu bakuleli belindele ukumenyezelwa kwalo.
Le nhlangano ithe ikuqonda kahle ukuthi udaba lokwandiswa kwamathuba omsebenzi akuncikile kuphela ekutheni avulwe uhulumeni, kodwa kufanele aqinisekise uzinzo oluzokwenza osomabhizinisi bakhule ngaleyo ndlela kuvuleke amathuba okuqashwa kwabantu. Uthe ukuputshuka kwezincwadi ze-DA ngekufunayo ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo, yikhona okwenza abatshalimali babe manqika okungaba nomthelela ongemuhle kosomabhizinisi abancane, wanxusa uRamaphosa ukuthi amemezele ikhabhinethi ukugwema ukuthi isimo singadlebeleki.
Ngaphandle kokukhathazeka ngenxa yalo mdonsiswano, i-BBF inxuse uRamaphosa ukuthi eminyangweni emibili okungowoHwebo, ukuNcintisana neziMboni noMnyango obhekele amabhizinisi amancane, kuqokwe ongqongqoshe abansundu abakuqonda kangcono ukuhlupheka kwabantu abansundu.