UKUFAKA isandla kukaMasipala waseThekwini emngcwabeni wesihlabani sekwaito, uMandla “Mampintsha” Maphumulo, sekuphinde kwasusa omunye umsindo.
Okunenga amakhansela ukuthi namanje umndeni wekhansela leDA elashona maphakathi nonyaka owedlule, awuzange uxhaswe ngalutho ngesikhathi usemanzini, yize wawuthenjiswe uxhaso ngezindleko zokulifihla.
Amakhansela athe umasipala kufanele uqhamuke nemigomo ezolandelwa uma kuzokhethwa imingcwabo ezoxhaswa umasipala. Lokhu akusho ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu obuyizolo.
Izolo umhlangano wesigungu esiphezulu ulalele isicelo sokuphasiswa koxhaso lomngcwabo kaMampintsha lukaR100 000.
UMampintsha, ongomunye wabasunguli beqembu lekwaito elidumile, iBig NUZ, ungcwatshwe ngoDisemba.
Kuphasiswa isicelo nje, umasipala usahlalelwe ukufaka isandla emngcwabeni wekhansela leDA, uMnuz Tex Collins, owangcwatsha ngo-Agasti, nyakenye. UCollins wayekade esebe yikhansela kulo mkhandlu iminyaka engu-27.
Eseshonile, umndeni wakhe wathenjiswa ukuthi uzokwelekelelwa ngezindleko zomngcwabo njengoba kuyaye kwenzeke uma kushone ikhansela emkhandlwini.
Kuze kube manje, umndeni kaCollins awukayitholi le mali.
Ohola inguyazana yeDA kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe kubukeka sengathi uMasipala waseThekwini ukhetha amabala uma ukhipha uxhaso.
"Njengoba ngikhuluma la, umoya wami wephukile. Uma umndeni kaCollins uthi uyocela uxhaso kumasipala, ukhonjwa le nale. Ufunwa izinto ezingaze zafuneka uma kushone amakhansela aqhamuka kwamanye amaqembu. Ngikhathazekile ngalesi simo. Kuyishwa ukuthi ikhansela elisebenze isikhathi eside kangaka emkhandlwini lingakutholi ukuhlonishwa okulifanele."
Ikhansela le-ANC, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe kuyihlazo ukuthi namanje umndeni kaCollins awukaze uthole lutho.
"Kufanele kutholakale isisombululo ngokushesha kulolu daba lukaCollins. Le nto iyihlazo kithina sonke. Kufanele ilungiswe ngokushesha.
"UMadlala uphinde waphakamisa ukuthi amalungu esigungu esiphezulu abhale incwadi yokuxolisa emndenini kaCollins. Kufanele kucace ukuthi thina asihlangene nale nto. Kubalulekile ukuthi sixolise emndenini."
Ikhansela le-EFF, uMnuz Thabani Miya, lithe lesi simo sihlaza umasipala.
UMiya uphinde wathi bona njenge-EFF bamelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, wathi abahambisani nokuthi kuxhaswe imingcwabo yabantu abasolwa ngokuhlukumeza abantu besifazane.
UMampintsha wake wasolwa futhi waboshelwa icala lokushaya inkosikazi yakhe, uBongekile "Babes Wodumo".
"Ngokuzayo ngeke sivume ukungcwaba umuntu obehlukumeza. Kufanele nazi ukuthi angeke sivume ukungcwaba umuntu obehlukumeza inkosikazi yakhe.
"Ikhansela le-IFP, uMnuz Mdu Nkosi, lithe okuyaye kuqubule imibuzo ngokuxhashwa kwemingcwabo yabadumile ukuthi imali iyaye iqhamuke ezinhlakeni azahlukene zikahulumeni.
"Abantu kabazi ukuthi kukhona uhulumeni wasekhaya, kube owesifundazwe nokazwelonke. Abantu bayaye bexakeke uma imali isiqhamuka kuzo zonke lezi zinhlaka zikahulumeni. Abantu bagcina sebezibuza ukuthi kanti kungcwatshwa umengameli yini la uma sekufakwa imali engaka?"
IMeya, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe bafuna lusonjululwe ngokushesha udaba lokungakhokhelwa komndeni kaCollins.
UKaunda uthe umndeni kufanele ulethe ubufakazi bemali owayisebenzisa ngomngcwabo.
"Umasipala uyokube usukhokhela zonke lezo zindleko. Lona wumgomo kamasipala owejwayelekile."