OMASIPALA baKwaZulu-Natal bathi bakulungele ukubhekana nodlame olungase lubheduke embhikishweni ohlelwa yi-EFF.
I-EFF ihlela umbhikisho efuna ube ngukhukhulelangoqo ngoMsombuluko, lapho ifuna khona ukuthi kwehle esikhundleni uMengameli Cyril Ramaphosa.Imikhandlu yaKwaZulu-Natal ithembise ukuthi izobe isiqaphe ngelokhozi isimo uma sekubhikisha i-EFF ngoMsombuluko.
UMasipala waseThekwini, Msunduzi, Mhlathuze noMngeni, bathe izinhlaka zabo zezokuphepha zisebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi umbhikisho wangoMsombuluko kawuphazamisi ukusebenza kwamadolobha angaphansi kwale mikhandlu.
IMeya yaseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe amaphoyisa kamasipala axoxa naweSAPS ngamaqhinga azosetshenziswa ekwenzeni isiqiniseko sokuthi akuphulwa imithetho ngosuku lombhikisho.
UKaunda uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi umphakathi nosomabhizinisi baphephile ngosuku lombhikisho.
Uthe bazobhekana nengalo yomthetho abazophula umthetho.
“SiyiTheku siphuma ezikhathini ezinzima lapho kuphazamiseke umnotho wethu. Ngeke sivume ukuthi kuphinde kube khona into ezophazamisa ukusebenza komnotho wethu. Sinejoka lokuvikela amalungelo alabo abazobe bengeyona ingxenye yombhikisho.”
UKaunda uthe umasipala uzobe usebenza ngokwejwayelekile, balindele ukuthi bonke abasebenzi babe semsebenzini.
Okhulumela uMasipala waseMsunduzi, uNkk Ntobe Mkhize, uthe bami ngomumo ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi nosomabhizinisi bakulo mkhandlu oyinhlokodolobha yesifundazwe.
“Abezokuphepha baqalile ukuba nemihlangano namaphoyisa lapho benza khona izinhlelo zokuphepha. Sizokwandisa isibalo sabezokuphepha futhi sandise nezinsiza. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi abantu baseMsunduzi baphephile.”
Imenenja kaMasipala waseMhlathuze, uMnuz Nkosenye Zulu, ithe baxoxa namaphoyisa, izinhlangano ezilwa nobugebengu, abemboni yamatekisi nosomabhizinisi ukulungiselela usuku lombhikisho.
“Bonke bakusho kugcwale umlomo ukuthi bazoqhubeka nokusebenza ngosuku lombhikisho. Sebeyohlangana phambili nababhikishi.”
UZulu uthe bakhathazekile ukuthi kungase kube nodlame phakathi kwababhikishi nabazobe bengeyona ingxenye yemibhikisho.
Uthe umbhikisho ohlelwa yi-EFF kawukho emthethweni njengoba ethe ayizange isifake isicelo sokuba nombhikisho.
IMeya yaseMngeni, uMnuz Chris Pappas, ithe ngeke bakuvumele ukuthi kube nobudlova ngosuku lombhikisho.
“Siyalihlonipha ilungelo lokubhikisha kodwa siyalihlonipha nelungelo lalabo abakhetha ukungabi yingxenye yokubhikisha. Yingakho sizokwenza isiqiniseko sokuthi sivikela impahla nokuphazamiseka kwempilo yabantu.
“Izwe nomasipala wethu ubhekene nezikhathi ezinzima ngenxa yokucishwa kukagesi, ukulawulwa koMbusa yidlanzana nenkohlakalo. Imiphakathi yakithi isathwele kanzima namanje ngenxa yezibhelu zangoJulayi 2021.Yingakho kufanele sivimbe ukuphazamiseka komnotho.”
Yize i-EFF ithe umbhikisho wayo uzobe unokuthula kepha ithe kuzobe kume nse yonke into ezweni ngosuku lombhikisho.