IPHINI likamengameli we-ANC, nezwe uMnuz Paul Mashatile, lithe isinqumo seSACP sokungenela ukhetho ngokuzimela, akumele sihlakaze ubumbano lwamadlelandawonye.
UMashatile uthe amadlelandawonye kumele ahlale ebumbene, noma kuthiwa kwenzakalani. Uthe bayasihlonipha lesi sinqumo beyi-ANC.
“Ngeke sime endleleni yeSACP yokuthi ingenele ukhetho ngokuzimela ngoba siyasihlonipha lesi sinyathelo. Noma kuthiwa kwenzakalani, akumele kodwa kube nokuhlakazeka kwamadlelandawonye ngenxa yalesi sinqumo,” kusho uMashatile.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma engqungqutheleni yeSACP eqhubeka eGoli. Uthe lolu daba bazoluxoxa ngonyaka ozayo, ne-SACP.
“Sizoba nomhlangano ngalolu daba emuva kwale ngqungquthela. Akekho kodwa kwi-ANC ovimba lesi sinqumo. Ngoba busuka kude ubudlelwano esinabo ne-SACP, sizoxoxa ukuthi sizoba namthelela muni lesi sinqumo sokuzimela kweSACP okhethweni,” kuqhuba uMashatile.
NePhini likamengameli weCosatu uMnuz Mike Shingange, lithe abayesekanga iSACP okhethweni lwango-2021, ngenxa yokuthi sasingekho isinqumo sengqungquthela ngalolu daba.
UShingange uthe njengoba sekunesinyathelo esinje, bazohlala phansi bewumfelandawonye babhunge ngaso nomthelela waso kumadlelandawonye.
“Noma kuthiwa kwenzakalani lesi sinqumo akumele sidale uqhekeko kumadlelandawonye. Amadlelandawonye kumele ahlale ebumbene ngaso sonke isikhathi.”
UMashatile uchazele izithunywa kule ngqungquthela ebezicula ukuthi aziyifuni i-GNU (Government of National Unity) okuwuhulumeni ohlanganise amaqembu.
Uthe bayingxenye kalohulumeni ngoba i-ANC yashayeka okhethweni yathola u-40%.
“Sasingalindele ukuthi sasingehla ngaleya ndlela size sifike ku-40% okhethweni. Sasithi uma sishaya izibalo sizibone sigijima ngaphezu kuka-57%, abanye babeze bathi sizoba ngaphezu kuka-60%. Sathuka uma sithola ukuthi sehle ngaleya ndlela,” kuqhuba uMashatile.
Uthe yingakho bakhuluma nawo wonke amaqembu ukuze kwakhiwe uhulumeni.
“Ziningi izinto esazixoxa, ezinye ezithinta nokuthi sibe yiqembu eliphikisayo, okuyinto eyachithwa amanye amalungu e-ANC. Sanquma ukuthi sakhe lo hulumeni, angu-10 kuphela amaqembu avuma ukuthi sisebenzisane, amanye awayingenanga. Safika kanjalo ekutheni sibe nohulumeni wokubambisana,” kuqhuba uMashatile.
UShingange uthe i-ANC akumele ibagxeke uma bengayifuni iGNU.
“Asiyifun iGNU ngoba kunamaqembu asizondayo kuwona. Asikwazi ukuthanda abantu abangasifuni. I-DA yamashela emahhovisi eCosatu isichitha, ikhala ngeCosatu. Sinenkinga ne-DA hhayi i-ANC kuhulumeni,” kuqhuba uShingange.
Odabeni oluthinta umthetho wezikole okunemvunge ngawo iBela, uMashatile uthe umnikile uMengameli Cyril Ramaphosa, umbiko mayelana nezingxoxo ezibekhona njengoba kwajutshwa ithimba ukubhunga ngezikhalazo ezikhona ngalo mthetho.
“Sekulele kuRamaphosa ukuthi amemezele umkhombandlela njengoba umnqamulajuqu ngezigatshana ezimbili ezamiswa ukuze kubhungwe ngazo kulo mthetho, uphela namhlanje (izolo).”