KULINDELIKE ukuthi ilanga lishise ngokweqile izinsuku ezintathu kuya kwezinye ezifundeni ezehlukene zakuleli.
Izangoma zezulu zeSouth African Weather Service, zithi kwezinye izifundazwe ukushisa kuzofinyelela ku-40 degrees.
UMnuz Ishmael Moyo, isangoma sezulu, izolo sithe ezifundazweni eziningi ilanga lishisa ngokungabekezeleki, okwaziwa yisivuvu somoya.
Uthe ezifundazweni eziningi ukushisa kwelanga kungaphezulu kuka-33 degrees. ENorthern Cape, Eastern Cape, Western Cape neFree State ukushisa kulindeleke ukuthi kufinyelele ku-40 degrees.
Uthe ubuchwepheshe ababusebenzisayo uma bebheka isimo sezulu bukhomba ukuthi lesi simo sizoqhubeka izinsuku ezintathu kuya kweziyishumi, ezifundazweni ezehlukene.
"Umphakathi awugweme ukuba selangeni phakathi kuka11. 00 no-3.00 ntambama ngoba ngalesi sikhathi lisuke lishisa kakhulu. Uphuze amanzi anele, ukuze umzimba ungashodi ngamanzi," kusho uMoyo.
Uxwayise ngokuthi lokhu kushisa akusho ukuthi isiphelile imvula engaphezulu kwejwayelekile ehambisana nesimo sezulu, iLanina.
"Kusengenzeka noma yini njengoba kuseyisikhathi sasehlobo, ukushisa okungaphezulu kokujwayelekile nakho kuzokwenzeka ezinyangeni ezaziwayo ukuthi ilanga liyabalela ngazo," kusho uMoyo.