LIZOBHADLA esitokisini nakule mpelasonto iphoyisa lesifazane elibhekene necala lokudlwengula indodana yalo.
Leli phoyisa laseLimpopo laboshwa ngeledlule ngemuva kokuba kuvele i-vidyo ezinkundleni zokuxhumana, ekhombisa iphoyisa elinguconstable lisocansini nendodana yalo.
Emva kokuthola le vidyo, uLt Gen Hadebe wayalela amaphoyisa ophiko oluphenya amacala oDlame lwaseMndenini, ukuVikelwa kweZingane nawoCansi ukuthi enze uphenyo ngokuphazima kweso ngesigameko.
Kwabe sekuvulwa icala lokudlwengulwa kwengane ngoLwesihlanu olwedlule. Kwaphinde kwengezwa ngelinye lokuqopha nokusabalalisa i-vidyo yeziwombe zocansi, ukufundisa ingane ucansi.
Uphenyo lwangaphakathi emaphoyiseni beluphethwe wuphiko oluphenya amacala abhekene namaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).
Izolo ngesikhathi leli phoyisa, igama lalo eligodliwe, livele eNkantolo yeMantshi eMdutjane, icala lihlehliselwe uLwesine oluzayo okusho ukuthi lizophinde lichithe impelasonto esitokisini.
I-Ipid ithe umsolwa uzosebenzisa leli thuba ukuthi adingide angakudingida nommeli wakhe.
U-Lt Hadebe wasigxeka isenzo salo wesifazane, wathi uma siyiqiniso sidicilela phansi igama lamaphoyisa.
“Izenzo zalona wesifazane uma ziyiqiniso, zidinga ukuthi anikwe isijeziso esinzima. Yize owesifazane enze asolwa ngakho ngesikhathi esasebenza ngaphansi kophiko lwePublic Service embuthweni, kwakufanele azi ukuthi le ndlela yokuziphatha kayamukelekile futhi uzothathelwa izinyathelo ezinqala,” usho kanje.
Umgilwa usesusiwe wayobekwa endaweni ephephile, lapho azonikwa khona usizo lokwelashwa ngengqondo.