ULAHLWE yicala lokugqugquzela udlame nelokushisa waphuma phambili kwelokungqongqisa ngomlilo inxanxathela yezitolo iBrookside eMgungundlovu uMnuz Mdumiseni Khetha Zuma.
UZuma ulahlwe yicala eNkantolo yeSifunda eMgungundlovu emuva kokugqigqa isikhathi kuqulwa icala engaphakathi esitokisini.
Abantu ezingxenyeni ezahlukene zezwe ngoJulay 2021, bavuka indlobane batapa impahla ezitolo bazingqongqisa ngomlilo emuva kokuboshwa kowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
Kukholakala ukuthi babezwelana naye uZuma bephikisana nokuboshwa kwakhe ngecala lokwedelela inkantolo.
Waboshwa ngemuva kokuvela kwevidiyo yakhe ephakathi ezitolo eBrookside egqugquzela abantu ukuthi beze bezotapa impahla emuva kwalokho inxanxathela yezitolo yangqongqiswa ngomlilo.
UZuma wawaphika wonke amacala ayethweswe wona, umbuso waqala wethula ubufakazi bawo ngenhloso yokumgojela.
Kulindeleke ukuthi uZuma agwetshwe ngo-Okthoba 9 nokuchaza ukuthi usazoqhubeka abhadle esitokisini njengoba engayitholanga ibheyili.