Lihlehlele uFebhuwari wonyaka ozayo icala elethweswe umrepha nomethuli wezinhlelo, uJub Jub obheke nezinsolo zokudlwengula, ukuzama ukubulala nokushaya.
UJub Jub, igama lakhe langempela okunguMolemo Maarohanye, ubevele eNkantolo yeMantshi eGoli, ngoMsombuluko.
Ungaphandle ngebheyili kaR10 000 ayithola ngesikhathi eboshwa ngoJulayi nonyaka, emuva kokuzinikela emaphoyiseni aseBrixton.
Ummeli kaJub Jub u-Adv Terrence Baloyi, uthe usadinga isikhathi ukuze axoxe kabanzi nekhasimende lakhe.
Uthe kunezinto ezithile abasalinde ukuthi uMbuso ubanike zona ezizokhomba indlela ngokuthi icala limi kanjani bese bezilungiselela kahle.
UJub Jub ufike enkantolo efake ijakhethi enkulu, ebukeka engaxwayile kakhulu kodwa ebhokisini ubelokhu ebheke phansi.
UJub Jub uboshwa nje, ubuya khona ezikhindini lapho ayedonsa khona ngecala lokushayela budedengu nokubulala ngokungenhloso emuva kokushona kwabafundi abane abashayisa ngemoto.