KUPHELE amahlathi okucasha iphoyisa elineminyaka embuthweni, leba izibhamu eziyingxenye yobufakazi emacaleni elaliwaphenya.
UDaniel Casparus Reynecke (65) ugwetshwe yinkantolo yesiFunda eThekwini ngamacala amane okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nokulahla isibhamu.
UReynecke wayewuWarrant Officer ophikweni lwamacala ahleliwe eThekwini kusukela ngo-1976 kwaze kwaba wu-2015. Usebenze eziteshini eziningi KwaZulu-Natal kanti ingxenye yomsebenzi wakhe kwakungukuphenya ngobugebengu.
Lokho kusho ukuthi wayebuye athathe izibhamu ezisolakala ezenzweni zobugebengu ayozihlola.
“Umthetho wasemaphoyiseni uthi umabhalane owamukela ubufakazi obuqoqwa uma kwenziwa uphenyo ububhala kuSAP13. Uma kukhona ofuna ukubuthatha buyohlolwa, kumele abhale ebhukwini ukuthi buthathwa wubani, nini ngoba kwenzenjani. UReynecke wayezithatha izibhamu angazibuyisi,” kusho uNatasha Ramkisson-Kara okhulumela iNPA.
Uphenyo olunzulu lwaveza ukuthi lo mlisa wayengumphenyi emacaleni lapho okwasebenza izibhamu ezathathwa wuyena.
“Ngokwebhuku likamabhalane wathatha izibhamu ezimbili ngo1997 nango2001 ezatholaka emfuleni eManzimtoti, buqamama nalapho ayehlala khona ngaleso sikhathi,” kuqhubeka uRamkisson-Kara.
Kwabuye kwatholakala ezinye izibhamu ezimbili ehhovisi lakhe nokuyinto ephambene nomgomo wophiko ayesebenza ngaphansi kwalo. Imigomo ithi abaphenya amacala ahleliwe akufanele batholakale nobufakazi emahhovsi abo.
Izibhamu ezatholakala ehhovisi lakhe zazicishwe izinombolo zazo nokwakumenza abe wumuntu otholakale nempahla engafanele.
UReynecke ugwetshwe iminyaka emihlanu ngokweba izibhamu, nengu-10 ngokutholakala nezibhamu, nemithathu ngokulahla izibhamu. Iminyaka emithathu uzoyidonsa kanye kanye neyishumi nokusho ukuthi uzodonsa iminyaka engu-15 kuphela.