ELULWE ngamahora amahlanu, amahora okusebenza kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya ngemiGqibelo kuze kushaye usuku lokuvota.
UMnyango wezaseKhaya, uthe amahhovisi awo azovulwa ngemiGqibelo kusukela ngo-8 ekuseni kuze kushaye u-1 emini okuqale ngoMgqibelo esiphuma kuwo kuze kube uMeyi 25.
UMnyango wezaseKhaya esitatimendeni osithumelele abezindaba, uthe amahhovisi azobe evuliwe azokwazi ukuxazulula izinkinga zezinombolo zomazisi ezifanayo ezisetshenziswa ngabantu abangaphezulu koyedwa, kuchitshiyelwa imininingwane ethile kubo omazisi, ukulungiswa kwabo, omazisi abakhomba ukuthi abanikazi bashonile bebe bengashonanga bazolungiswa uma kunamaphepha aphelele akhomba ukuthi abanikazi bawo bayaphila, ukufakwa kwezicelo ezintsha zomazisi, nomazisi besikhashana.
Iphini likaNgqongqoshe wezaseKhaya, uMnuz Njabulo Nzuza, lithe kuzobe kunamahhovisi angomahamba nendlwana ahlelelwe ukuthi ahambise omazisi ezindaweni ezikude namahhovisi.
“Sizosebenzisa amahhovisi amakhansela, neminye iminyango esisebenzisana nayo ukuze silethe usizo eduze kodwa umphakathi uzokwaziswa ngezinsuku esizofika ngazo ezindaweni ezihlonziwe. Ngaphezu kwalokho, izakhamuzi zisengabhukha isikhathi sokuzolanda ama-Smart ID Cards kanye nezincwadi zomazisi abaluhlaza ngaphambi kokuvakashela emahhovisi ngokusebenzisa i-Branch Appointment Booking System , etholakala kwi-website yoMnyango wezaseKhaya i-www.dha.gov.za, noma bavakashele emahhovisi ngaphandle kokubhukha,” kusho uNzuza.
Unxuse abafake izicelo zomazisi ikakhulukazi intsha eqalayo ukuzifaka ukuba beze emahhovisi omnyango bazolanda omazisi babo.