IMEYA kaMasipala wesiFunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, isiveze ukuthi bazodinga okungenani unyaka nezinyanga eziyisithupha ngaphezulu ukuze bakwazi ukuxazulula ngokuphelele inkinga yengqalasizinda ephakela amanzi emphakathini owakhele lo masipala.
UNgubane ubekhuluma neSolezwe ngenkinga yokushoda kwamanzi kulo masipala, nalapho ecacise khona ngenkinga yengqalasizinda yamapayipi endle esindala, nobesekuvele ukuthi isiholele ekutheni indle ikapakele emfuleni osetshenziswa ngabantu.
Abantu abakhele lo masipala banikele enkundleni yezokuxhumana, iFacebook, ukuzwakalisa ilaka labo ngenkinga yamanzi nangengqalazisinda yendle esindala, eholele ekutheni indle ikapakele emfuleni osetshenziswa wumphakathi.
UMthetho Ngubane uthe: “Ayilungiswe impela le nkinga ngoba sizogulelwa ngabazali nezingane zethu uma kunje.”
UNkululeko Wa-Afrika uthe: “Kuyacaca ukuthi thina esiphuza umfula uMvoti ngezansi, sizophuza amanzi anendle.”
UThoeh Thoh yena ubhale wathi: “Bizani uJuju azolungisa leyo nkinga, avale umgwaqo.”
“Inkinga yamanzi yinto endala futhi engaqalanga manje, nengabhekene nomphakathi waseMzinyathi kuphela kodwa ibhekene nabantu abaningi eNingizimu Afrika.
“Kodwa yize kunjalo, angikubukeli phansi ukusokola kwabantu bakithi, ikakhulukazi abakhele uMzinyathi, okuyingakho sizibophezele ukwenza imizamo nezinhlelo ezizosiza ukuyilungisa ngokushesha,” kusho uNgubane.
Eqhuba, usole i-ANC ebiphethe lo masipala phambilini, athe iyona eyone izinto, yashiya kumapeketwana nokuphoqe ukuthi uma sekuphethe bona beyi-IFP babhekane nezinkinga eziningi ngesikhathi esisodwa, kubalwa nenkinga yokuphakela umphakathi ngamanzi.
“Ngendlela umonakalo omkhulu ngakhona ezindaweni ezinjengoGreytown, Pomeroy, Dundee, Kranskop naseNondweni, ngingasho ukuthi sizodinga okungenani unyaka nohhafu ukuze kulunge inkinga yamanzi eMzinyathi,” kuchaza uNgubane.
Imeya iphinde yacacisa ukuthi kunzima kunjalo kodwa bayaqhubeka nokuphakela abantu amanzi besebenzisa amaloli omasipala ngoba amanzi ayisidingo esimqoka kakhulu emphakathini.
“Sesiqashe nomakhenikha ukulungisa amaloli aphakela amanzi asenenkinga ukuze lungaphazamiseki uhlelo lwamanzi futhi sesihlanganile noNgqongqoshe wezaManzi, uMnuz Senzo Mchunu, samnika uhlelo oluqondile lokulungisa le nkinga,” kuphetha uNgubane.