KUZOGAYWA amaphepha okuvota angu-90 million njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29.
Umsebenzi wokugaya la maphepha uqala ngenyanga ezayo uze uphothulwe ngoMeyi.
Lokhu kuvezwe yiPhini lesikhulu esiphezulu sekhomishini eyengamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC), uMnuz Masego Sheburi, ngesikhathi le khomishini ivele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende.
USheburi uthe njengoba amaphepha okuvota ezobe emathathu kulolu khetho, bazogaya u-30 million iphepha ngalinye okwenza ukuthi esewonke abe ngu-90 million.
Kuzobe kungokokuqala okhethweni ukuthi abangenele ukhetho ngokuzimela babe yingxenye yalo.
“Sizogaya la maphepha ezikhungweni eziyisithupha kuleli. Asifuni ukuthi wonke umsebenzi wenziwe yinkampani eyodwa ngoba mkhulu kakhulu umsebenzi wokugaya amaphepha okuvota angu-90 million. Konke sekumi ngomumo mayelana nokugaywa kwalawa maphepha okuvota.”
Uthe ngo-Ephreli 4 kuzokwenziwa uhlelo lokutomula iqembu elizobe liphezulu ephepheni lokuvota.
“Sizotomula leli qembu elizobe liphezulu ephepheni lokuvota. Sizobe sesitomula nokuthi amanye amaqembu azoma kanjani kuleli phepha.”
Uthe angu-370 amaqembu abhalisele ukhetho.
Uveze nokuthi ngoLwesihlanu bazokwazisa amaqembu ngabantu azobajuba abavela ohlwini lwamanye amaqembu.
“Sizonika amaqembu ithuba lokuthi afake elinye igama lomuntu ozongena esikhaleni salowo ozobe evela ohlwini lwelinye iqembu. Uma kungukuthi amaqembu awalisusi leli gama, kusho ukuthi uzovela ohlwini lwamaqembu ahlukene uma sekuvotwa kodwa uma sekwabiwa izihlalo, uzothola esisodwa hhayi eziningi. Sifuna ukuxwayisa amaqembu ukuthi akulona ithuba lokuthi ashintshe lonke uhlu alulethile kodwa ukushintsha afake elinye igama uma kungukuthi igama livela kolunye uhlu.”
UMnuz Mawethu Mosery wekhomishini, uthe abangenele ukhetho ngokuzimela bazoba sohlwini olufanayo namaqembu.
“Ngeke kube nokuhlukana kube nabangenela ukhetho ngokuzimela bodwa kanjalo namaqembu. Bonke bazobe behlangene endaweni eyodwa, ephepheni lokuvota,” kusho uMosery.
USheburi uveze nokuthi ngesonto elizayo uMashi 26 noMashi 27, bazokhipha uhlu lwabantu amaqembu afolosa ngabo.
“Ngo-Ephreli 10, ikhomishini izoshicilela uhlu lokugcina lwabazongenela ukhetho. Ilapho ke okuzobe sekucaca ukuthi bangaki abazongenela ukhetho ngokuzimela kanjalo namaqembu azobanga amavoti,” kusho uSheburi.
Uveze nokuthi bakulindele ukuthi abazokhala ngaphansi okhethweni, bazozithethelela ngokuthi ukhetho belungakhululekile.
“Njengoba sanda isibalo samaqembu angenela ukhetho kodwa kugcina ngokuthi kukhethwe ambalwa azoya ePhalamende naseziShayamthetho. Okhethweni lwango-1999 angu-26 amaqembu angenela ukhetho. Njalo uma kunokhetho, siyanda isibalo samaqembu angenela ukhetho kodwa ambalwa avotelwayo. Manje angu-370 abhalisele ukhetho kodwa uthola ukuthi angu-13 avotelwayo, okwenza abasuke bekhale ngaphansi bese bekhala ngokuthi ukhetho belungakhululekile.”
Ubalule nokuthi abasuke bemele amaqembu ezikhungweni zokuvota basheshe bahambe uma bebona ukuthi izinto azihambi kahle.