ZANELE MSOMI
U YANDA umkhuba wokuhlukunyezwa kwezingane ezikoleni futhi izigameko ziyashuba kangangoba sekuchitheka negazi. Kubikwa ukuthi ezinganeni ezintathu, zimbili ezihlukunyezwayo. Uphenyo olwenziwe yiPondering Panda ngoJanuwari nonyaka, luveza ukuthi zingamaphesenti angu-57 izingane ezihlukunyezwayo ezikoleni zakuleli.
Njengoba kusanda kuphothulwa umkhankaso wokuvikelwa kwezingane, sibheka ukwanda kwalo mkhuba wokuhlukunyezwa nomonakalo odalekayo enganeni.
Yize lo mkhuba usukunyelwa manje njengoba sekungenelela nezinhlangano ezivikela izingane, Isolezwe lithole ukuthi mdala. Osekwenza uhluke wukushuba kwezigameko nanokuthi sekuqhakanjiswa amalungelo nemithetho evikela izingane.
Phambilini lo mkhuba ubumandla ezikoleni okuhlalwa kuzo, ama-boarding school. Ubuwenzeka nasezikoleni ezijwayelekile lapho izingane ezifikayo bezihlukunyezwa kuthiwa zinqunywa umsila.
UNksz Buyiswa Ngidi ungufakazi njengoba afunda eNanda Seminary ngo-1995 kuya ku-1998. Uthi ubudla lubi lo mkhuba kulesi sikole obekufunda kuso amantombazane kuphela.
Utshele Isolezwe ukuthi yize ubungavumelekile, abaphathi besikole bebazi ngawo futhi kunzima ukuwunqanda.
“Bekuhlukunyezwa abafikayo kungakhathelekile ukuthi bazokwenza liphi ikilasi. Abafikayo bebebizwa ngabashana, bahlukunyezwe cishe izinyanga ezintathu. Bebegcotshwa ngopholishi ebusweni, bashaywe ngamaqanda, kuthelwe nemibhede yabo ngamanzi,” kuchaza yena.
Uthi emuva kwezinyanga ezintathu bekwenziwa ikhonsathi elibizwa ngeBasha’s Concert lapho abafikayo beculela abadala, badanse begilwe yonke imikhuba. Uthi emuva kwalokho bebemukelwa njengabo bonke abafundi kodwa kusale inzondo nobutha kwabanye.
Uveza nokuthi kwezinye izigameko ezinzima bekungenela nabazali kwesinye isikhathi ingane ingasafuni ukuqhubeka nesikole ngenxa yokuhlukunyezwa.
Ophenyweni olwenziwe kamuva kuvela ukuthi ukuhlukumezana kwezingane kwamanje sekufaka namagama ayiziswana, ukuthukwa nokugconwa ngezici nokushaywa.
Kuvela nokuthi ukwanda kwezinkundla zokuxhumana kunomthelela ngoba abanye bangcofana kuzo.
UNkk Shirley Wakefield obehola lolu phenyo uthi kunezingane ezifunda kanzima ngenxa yokuhlukunyezwa. Uthi zingamaphesenti angu-71 ezamantombazane ezihlukunyezwayo kunabafana abangu-63.
“Kungenzeka ukuthi izibalo zingaphezu kwalezi ngoba uphenyo belugxile emabangeni aphezulu. Ezinye izingane zingcofwa ngesisindo somzimba neminyaka yobudala. Ezinye zigconwa nangobuhlanga namasiko azo,” echaza.
Uthi ukuhlukunyezwa kuqala ngezinto ezincane kodwa kudala umonakalo omkhulu emqondweni wengane igcine ingasasithandi isikole.
Ingabe kukhona okungenziwa ngumzali ukunqanda lo mkhuba?
UWakefields uthi abazali kumele bakwazi ukuhlukanisa ukugconwa nokuhlukunyezwa. Uthi kujwayelekile ukuthi izingane zigconane uma zisakhula kodwa eyokuhlumezana inzima ngoba iyaphazamisa nasemqondweni.
“Uma ingane ibika ngokuhlukunyezwa kumele umzali asukume. Kungadala ingcindezi nokwesaba enganeni.’’
Kuthiwa izingane eziningi ezikhule zihlukunyezwa zikhula zinodlame nonya.
AbakwaChildline bathi abazali kumele bazeseke izingane ezihlukunyezwayo. Bathi kumele ingane ichazelwe ukuthi akulona iphutha layo ngoba eziningi zicabanga kanjalo.
Ukwanda kwalo mkhuba kwenze ukuthi izikole ziwufake emigomeni yazo. Kunezikole ezithatha izinyathelo ezinzima kwesinye isikhathi kuxoshwe nengane etholakale ichukuluza ezinye.
Emdlalweni wethelevishini i Generations, uPrince (Gauta Takalo) oyindodana kaQueen Moroka (Sophie Ndaba) uke wathwala kanzima esikoleni ngenxa yokuhlukunyezwa. Ugcine engasakuthakaseli ukuya esikoleni kunezingane ebezimhlukumeza zimphuca nemali.
Ongoti bathi ukuba ngamaqoqo kungasiza ekugwemeni ukuhlukumeza esikoleni. Isikhathi esiningi ingane ebonakala iyinkomo edla yodwa ijwayele ukuhlukunyezwa ngezinye.
Okubi ngalo mkhuba wukuthi uqeda ukuzethemba enganeni. Indlela imithetho yokuvikelwa kwezingane esiqine ngayo kuleli, ingane echukuluza enye ingabhekana namacala uma sekuhluleke nothisha bayo.
Nazi izimpawu zengane ehlushwayo esikoleni:
n Ayikuthakaseli ukuya esikoleni.
n Igcina izivalela yodwa endlini ibe nolaka.
n Ibuya esikoleni ilambile yize ibiphethe umphako.
n Icela imali nsuku zonke ukuze inikeze abayihlukumezayo esikoleni.
n Inovalo futhi ithuswa wubala.
n Iphelelwe wuthando ingathembi ngisho abangani.