KUXWAYISWE osikhwili phambana nobhoko abazophazamisa inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, azoyethulela isizwe kusasa ntambama eCity Hall eKapa, kwathiwa ngeke babekezelelwe kodwa kuzobhekwana nabo kusetshenziswa imigomo yePhalamende.
Lesi sexwayiso sikhishwe uSihlalo weNdlu yoMkhandlu weZifundazwe uMnuz Amos Masondo izolo ekhuluma esithangamini nabezindaba ngamalungiselelo ale nkulumo.
Usho lokhu nje, i-EFF ifunge yagomela yathi izoqhubeka lapho yagcina khona ngokumphazamisa uRamaphosa.
UMasondo uthe bazoqinisekisa ukuthi imigomo yePhalamende iyalandelwa.
“Wonke amalungu ePhalamende ayazi ukuthi kumele aziphathe kanjani. Abazophambana nale migomo sizobhekana nabo.”
IPhini likaSomlomo wePhalamende uMnuz Lechesa Tsenoli, lithe imibhikisho kumele ihambisane nemigomo ebekiwe wathi abazophazamisa bazobhekana nabo.
Kulesi sithangami kuvele ukuthi kunezinhlelo zokuthi inkulumo kaRamaphosa ingaphazanyiswa wukucinywa kukagesi okuqhubekayo.
Mayelana nezokuphepha kuzobe kujutshwe umbutho wezokuvikela kanjalo namaphoyisa ukuqapha.
Amaqembu ehlukene athe awalindele okusha enkulumeni kaRamaphosa.Umholi weDA uMnuz John Steenhuisen, ukhale ngezinga eliphezulu lokungasebenzi kanjalo nenkinga yokucinywa kukagesi.
Uthe izwe ligubuzelwe ubugebengu, inhlupheko kanti abantu babhuqqwa yindlala.
“Liphezulu izinga lokuphila. Abantu baphila ngemali yesibonelelo sezingane.Bangu18.4 million abaphila ngezibonelelo zezingane kuthi abangu-10.5 million baphila ngemali yabangasebenzi.”
Umholi we-Action SA uMnuz Herman Mashaba, uthe akukho okusha okuzovela kule nkulumo.
“Siyolalela into eyodwa elokhu iphindwa phindwa. Ngeke bayixazulule inkinga yokucinywa kukagesi ebhekene nezwe.”
I-Freedom Front Plus ithe nayo ayilindele okusha kule nkulumo. Ithe uzosho izinto asake wazisho angaqhamuki nesixazululo.
Umholi we-UDM uMnuz Bantu Holomisa, uthe bakhathele iculo elilodwa elinezithembiso ezingafezwa.
I-Cosatu ithe ilindele ukuthi uRamaphosa akhulume ngosizi lwabasebenzi nezinkinga ababhekene nazo.
IPhalamende libeke uR8 million ngalo mcimbi njengoba kuzobe kunezimenywa ezibalelwa ku-263 kodwa lihlose ukusebenzisa uR5 million kuphela.
UNobhala wePhalamende uMnuz Xolile George, uthe bazozama ukunciphisa izindleko njengoba benza nanyakenye.
Uthe le mali izosebenza ezintweni eziningi ezihleliwe.
USomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe balindele amalungu ePhalamende angu-490 ukuthi abe semcimbini.
Phakathi kwezimenywa kubalwa owayengumengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki nabanye abaholi.