KUXWAYISWE abamaqembu ezepolitiki ahlukene ukuba bapheze ukwenza izitatimende ezichukuluzayo nezingadala ukungabekezelelani emalungwini omphakathi njengoba kubhekwe okhethweni.
Lokhu kuvezwe wuMphathiswa woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, embizweni ebihlanganise abamaqembu ezepolitiki ehlukene ebingoLwesihlanu KwaNongoma, obekuhloswe ngayo ukuqinisekisa ukuthula nozinzo njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe ngoMeyi, 29.
UHlomuka ophinde abe wusihlalo wekomiti elihlanganisa amaqembu ezepolitiki ehlukene esifundazweni, elinikezwe umsebenzi wokuxazulula ukungaboni ngasolinye emaqenjini, elibizwa ngeMulti-Party Political Intervention, uthe abaholi bamaqembu banomthwalo wokufundisa abalandeli babo ngokubaluleka kokupolitika ngendlela evuthiwe nokubekezelelana.
“Kungaba yiphutha elikhulu uma singabuyisela emuva okwazuzwa abangaphambili kwethu ngesikhathi bakha uzinzo ikakhulukazi kwezepolitiki,” usho kanje.
IKwaNongoma isezindaweni ezake zahlaselwa yisihlava sokubulawa nokuhlaselwa kosopolitiki.
Muva nje, amalungu e-ANC angeniswe ezibhedlela elimele okukholakala ukuthi ashaywe ngawe-IFP, emuva kwesigameko esenzeke emcimbini wokugubha iminyaka engu-110 kwakhothama iSilo uDinuzulu kaCetshwayo owawukwaCeza emasontweni amabili adlule.
Kukholakala ukuthi ukuhlwithwa umbhobho kukaNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, wuMphathiswa eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nozeMvelo uMnuz Sboniso Duma, kwaba nomthelela kulesi sigameko.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ekhuluma kulo mhlangano, uthe umsebenzi wamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli basebenzisa ilungelo labo ngokukhululeka.
“Umthethosisekelo wakuleli unikeza wonke umuntu ilungelo lokuthi angaba yilungu leqembu lezepolitiki, angaqala inhlangano yakhe yezepolitiki nokuthi akhankasele ukuthi abantu bajoyine iqembu lakhe. Thina njengamaphoyisa sinikezwe umsebenzi wuMthethosisekelo wakuleli, ukuvikela amalungelo abantu,” kusho uMkhwanazi.
Amaqembu abebambe iqhaza kulo mhlangano phakathi kwawo bekukhona i-ANC, IFP, DA, EFF, MK Party, ABC, ActionSA namanye.