KUSOLWA uqhekeko ngaphakathi kwi-ANC ngokubhuntsha komhlangano obekufanele
kukhethwe kuwo iphini lemeya kuMasipala waseThekwini.
Izolo bekubizwe umhlangano oyisipesheli obekuzoqokwa kuwo ozongena kulesi sikhundla, kuphinde kuvalwe nezinye izikhundla ezimbili ezibalulekile. Ezinye izikhundla ebezizovalwa ngesikasotswebhu omkhulu nesikhala esikhona esigugwini esiphezulu.
Kepha umhlangano ugcine ubhuntshile ngenxa yokungafiki ngesikhathi kwamakhansela ayisibalo esanele ukuthi kuqalwe. USomlomo woMkhandlu,
uMnuz Thabani Nyawose, kuphoqe ukuthi awuguqise umhlangano ngo-10.30 ekuseni
njengoba imigomo elawula ukuhlala kwemihlangano yomkhandlu ithi umbuthano kufanele uchithwe uma kuze kuphela imizuzu engu-30 engakafiki amakhansela ayisibalo esanele.
Ngesikhathi kuguqiswa umhlangano angu-82 kuphela amakhansela abengaphakathi, umkhandlu unezihlalo ezingu-222.
Amakhansela e-ANC, EFF nawamanye amaqembu amancane avota ne-ANC abengekho emhlanganweni. Okuqaphelekile wukuthi nemenenja yomkhandlu, uMnuz Musa Mbhele, ibingabonwa nangalukhalo emhlanganweni futhi engekho umuntu obeyibambele.
Amakhansela e-ANC aze afika endaweni obekuzobuthanwa kuyo ngo-11.30, sekuphele ihora umhlangano uchithiwe. Amakhansela amaqembu aphikisayo athe amakhansela e-ANC akwenze ngamabomu ukuthi angafiki ngesikhathi emhlanganweni ngoba abevele efuna ukuthi uchithwe.
Amakhansela eDA, IFP, ActionSA ne-ABC, athe awe-ANC anokungavumelani ngokuthi ngubani okufanele athathe isikhundla sephini lemeya. Lesi sikhundla besikade siphethwe nguMnuz Philani Mavundla, obehola amaqembu amancane avota ne-ANC.
Kuvela ukuthi ngaphakathi kwi-ANC kukhona labo abafuna ukuthi lesi sikhundla sibuyele kwi-ANC, kuphinde kube khona labo abafuna ukuthi sinikezwe amaqembu amancane avota ne-ANC.
Kuvela nokuthi amaqembu amancane avota ne-ANC afuna ukuthi isikhundla sinikezwe ikhansela leNFP, uNksz Zandile Myeni.
Ngakolunye uhlangothi amanye amaqembu aphikisayo wona abehlose ukuphakamisa igama lekhansela le-IFP, uMnuz Mdu Nkosi, ukuba angenele umbango wesikhundla.
Amakhansela amaqembu aphikisayo athe kuzofanele athathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe onke amakhansela angazange afike ngesikhathi emhlanganweni wayizolo.
Amakhansela eDA, IFP, ActionSA athe kufanele abangafikanga ngesikhathi emhlanganweni wayizolo bakhokhe imali emoshwe. UNkosi uthe kubona ngisho ingane incane ukuthi i-ANC ibikuhlelile ukubhuntshisa umhlangano.
“Kuyihlazo ukuthi iqembu elibusayo kube yilo elibalekela umhlangano. Le nto ikhombisa indelelo enkulu. Imali eyingxenye yesigidi emoshiwe kuhlelwa lo mhlangano.”
Ikhansela leDA, uMnuz Thabani Mthethwa, lithe bafuna athathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe onke amakhansela angazange afike ngesikhathi.
“Amakhansela e-ANC avalelene eduze kwala sikhona. Bakhethe ukuba nenguyazana yabo ngesikhathi somhlangano. Sifisa ukwazi ukuthi yiziphi izinyathelo ezizothathwa.”
Ikhansela le-ActionSA, uMnuz Zwakele Mncwango, lithe bezivele zikhona izinsolo zokuthi i-ANC ifuna ubhuntshe umhlangano wayizolo ngenxa yokungavumelani ngokufanele athathe isikhundla sephini lemeya.
“Thina esifuna ukukwazi ukuthi amakhansela e-ANC azozikhokha yini imali emoshwe kuhlelwa umhlangano wanamhlanje.”
UMavundla, unxuse amakhansela e-ANC ukuba abuyelwe wonembeza, wakhala ngokumosheka kwemali. Ikhansela le-ANC, uMnuz Thembo Ntuli, lithe bekungeyona inhloso yabo ukuthi kubhuntshe umhlangano.
UNtuli uthe babambezeleke kwinguyazana yabo lapho bebexoxa khona izinto ezithinta ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. Uthe akusilona iqiniso ukuthi kabavumelani ngokufanele athathe isikhundla sephini lemeya.
UNyawose uthe uzoluthathela izinyathelo udaba lokungafiki ngesikhathi kwamakhansela, wathi ukhathazekile ngokumosheka kwemali yabakhokhi bentela kuhlelwa umhlangano ogcine ungahlalanga.
Uthe ukhathazekile ngokungavalwa kwezikhundla ezivulekile, wathi lokhu kungaphazamisa ukusebenza komkhandlu.
UNyawose uthe umhlangano wokuvala izikhala uzophinde ubizwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa
NgoLwesibili kulindeleke ukuthi kuhlale umhlangano womkhandlu lapho kuzolalelwa isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya, uMnuz Mxolisi Kaunda