BAKHOLWA wukuthi belidle isidakamizwa esibizwa nge-paradise, ibhungu elizinqumise okwembuzi, lafa eMlaza.
ULuyanda Mthembu (17) wakwaG ko-13 eMlaza, kuthiwa ugile umuga ezinquma uqhoqhoqho ngoLwesihlanu ebusuku, ekubo.
Umthombo osendaweni uthi le nsizwa encane idle lesi sidakamizwa yase ibona izinto ezingabonwa abanye abantu. Kuthiwa ubethi ubona amaphoyisa afuna ukumbopha ebe engekho.
“ Yisigameko esenzeke ebusuku, lo mfana kuthiwa ubedle iparadise. Kuthiwa uma uyidlile umgwaqo uphenduka idamu kube sengathi ungakhumula ubhukude kuwona. Uma usendlini ikukhiphela phandle uhambe untaza yonke indawo. Izoqeda izingane lento, ifuna ukunqandwa,’’ kusho umthombo osondelene nodaba.
Kuthiwa leli bhungu belinekhono elihle lebhola futhi like ladlala kwinkulisa ye-Orlando Pirates. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe, amaphoyisa avule idokodo lophenyo emuva kokuthi ibhungu lizibulele.
“Ibhungu elineminyaka engu-17 kuthiwa belikubo nomndeni walo ngesikhathi lisuka lithatha ummese lazinquma lashona, udaba lusemaphoyiseni kuvulwe uphenyo ngesigameko,’’ kusho uColonel Mbele.
Ilungu lomndeni elithintiwe nelingafunanga nokuzisho ukuthi lingubani lithe kusenzima ukuphawula ngesigameko.
“Mina angazi nokuthi ngizothini, sixolisa kakhulu kusenzima futhi mina ngizibonele isigameko. Siyazi ukuthi uLuyanda ubedumile edlala ibhola kodwa ngeke sikwazi ukukhuluma,’’ kusho lo wesifazane.
Ikhansela lendawo uMnuz Sthenjwa Nyawose, lithe bayalwazi udaba lwesidakamizwa esingenisile endaweni esibizwa nge-paradise, lathi kufanele kuliwe naso ngoba asilungile neze.
“Ngizwelana kakhulu nomndeni olahlekelwe sengathi bengaduduzeka. Labo abashushumbisa izidakamizwa abame ngoba kudaleka umonakalo manje,’’ kusho uNyawose.
Umqeqeshi owasebenza kakhulu nomufi uMnuz Junior Bhengu uthe zibaphatha kabi izindaba zokudlula emhlabeni kukaLuyanda ngoba ubenekhono eliyisimanga.
“ Wumfana obenekhono enezimpawu zobuholi futhi ubengahamba ibanga elide ebholeni. Ngicabanga ukuthi siwumphakathi asenzi okwanele ukwelusa abafana, bagcine sebengena ezilingweni. Ngibuhlungu kakhulu ngendaba kaLuyanda,’’ kusho uBhengu.