EZIKHULUNYELWA phansi zithi kungase kususwe uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer, avale isikhala sikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esishiywe wuMnuz Sihle Zikalala.
Umthombo owazi izindaba ze-ANC, uthi izingxoxo ngokuvalwa kwesikhala sikaZikalala ziqalile kodwa azikaphothulwa.
Isolezwe ngeSonto lihoshe ukuthi uZikalala angase afungiswe kusasa ePhalamende likazwelonke futhi kunamahlebezi athi angathola isikhundla uma sekuhlelwa iKhabhinethi.
UZikalala ujutshwa nje usanda kuphuma kwesikandunankulu nesikasihlalo we-ANC esifundazweni.
UZikalala ujutshwe ePhalamende likazwelonke emuva kokuthi ehlale esicongweni ohlwini lwamalungu esigungu esiphezulu se-ANC. Umthombo uthi ubuholi besifundazwe busazohlangana budingide eyesikhala sikaZikalala.
“Sengathi bacabanga ukufaka uMbali Frazer kodwa abakamboni umuntu ozongena kwezemfundo uma bemsusa. Bafuna kube wumuntu osesigungwini esiphezulu, ozongena kwezemfundo,’’ kusho umthombo.
Kuke kwaba khona ukukhuluma kokuthi kungase kunyuke iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, iyovala isikhala sikaZikalala kodwa kwangaqinisekiswa. Umthombo uyichithile leyo, uthe mancane amathuba alokho.
UNkk Frazer, okhonjwa kwesikaZikalala, ubesanda kuqokelwa kwezemfundo ngonyaka odlule emuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe. UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo ebuzwa ngokuvalwa kwesikhala sikaZikalala, uthe wumsebenzi kandunankulu lowo.
“UNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube wuyena ozomemezela ukuthi ufaka bani esikhundleni sikaZikalala, enze ezinye izinguquko uma efuna.”