AYIKAZIWA imbangela yomlilo oshise ingxenye yebhilidi lakwa-Sars elisekhoneni lomgwaqo uFredderick noRissik eDowntown eJohannesburg izolo.
Ngokusho kukaNkk Nana Radebe-Kgiba okhulumela abezicishamlilo kuleli dolobha ngesikhathi ekhuluma ne-eNCA, akekho oshonile noma olimele kulesi sigameko.
Uthe abakutholile ngesikhathi befika endaweni yesigameko ukuthi kushe ingxenye engaphansi yebhilidi.
“Sithole ukuthi kule ndawo bekugcinwe amafayela namaphepha athile akwa-Sars. Yiwona ke lawa ashile njengoba kuqubuke lo mlilo,” kusho uNkk Radebe-Kgiba.
Ekhasini loMkhandlu waseGoli kuFacebook kufakwe isitatimende esifishane esishoyo ukuthi izicishamlilo zalo mkhandlu zimatasa nokubhula umlilo.
“Lo mlilo uqashiwe abezicishamlilo engxenyeni engaphansi yebhilidi. Le ndawo kwa-Sars isetshenziswa njengendawo yokugcina amafayela,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi zonke izisebenzi zikhishwe ngokuphazima kweso, kwangaba khona muntu olimalayo.
UNksz Sweetness Chiya, ohlala kwelinye lamabhilidi utshele i-eNCA ukuthi kuyathusa ukusha kwamabhilidi endaweni.
“Ngihlala ebhilidini eliseduze. Kusanda kusha elinye ibhilidi kule ndawo, kwafa inqwaba yabantu. Manje sekusha leli bhilidi. Akekho osinika izimpendulo zokuthi kwenzekani ngempela eDowntown,” kusho uNksz Chiya.
Uthe sebelala bengavalile ezindlini benzela ukuthi basheshe baphume babaleke uma kwenzeka kusha elabo ibhilidi.
“Sizibuza ukuthi ingabe iliphi elinye elizolandela,” kusho yena.
Lo mlilo ungowesine kule ndawo esikhathini esingangenyanga.