AMAPHOYISA ashaqe impahla ewumbombayi ebiza uR13 million abopha abasolwa abahlanu abakuleli ngokungemthetho eGoli ngoLwesithathu ntambama.
Kushaqwe izimpahla ezingaphezu kuka-18 000 okubalwa izicathulo, izikhwama, amakepisi, amawashi nezimpahla zokugqoka.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uLieutenant Colonel Amanda van Wyk uthe abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli maduzane.
Lo sigaxamabhande uthe ithimba lamaphoyisa lisebenze ngokubambisana nabaqoqi bentela bakwaSouth African Revenue Service (Sars), onogada nabavikela imikhiqizo.
“Silunywe indlebe sase sigasela ezindaweni ezintathu esitshelwe ngazo enkabeni yedolobha eGoli. Kuboshwe nabasolwa abahlanu abebengenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli,” kusho uLt Col van Wyk.
Ukhale ngokuthi ukudayiswa kwempahla ewumgunyathi kunomthelela omubi ekusimameni komnotho waseNingizimu Afrika.
Uqhube wathi amaphoyisa ahlakaze nesidleke okukhiqizwa kusona lezi zimpahla nalapho zigcinwa khona.
Uveze ukuthi yikule ndawo lapho impahla isukela khona bese isatshalaliswa ezitolo ezisenkabeni yedolobha iGoli.
“Kule ndawo amaphoyisa ashaqe nama-hard drive amakhompyutha, silk screening nama-cutting machines,” kuchaza uLt Col van Wyk.