SISANKENENEZA ezindlebeni zakhe isililo sozakwabo becela usizo, kumsebenzi osale nezibazi zokusha kodwa wakwazi ukuphulukundlela kungqongqa abayisithupha abebezama ukucima umlilo wamadlelo obusha ubuhanguhangu, eMpophomeni kuMasipala waseMngeni, ngeSonto.
Umgilwa igama lakhe eligodliwe ngenhloso yokumvikela, uthe akubone kwenzeka kuyisithombe azophila naso impilo yakhe yonke njengoba kusenzima ukwamukela indlela abone ozakwabo beyiyo ngemizuzwana nje kade bephila kungekho ocabanga ukuthi kunento ebuhlungu ezobehlela.
Ngesikhathi Isolezwe livakashele kubo kamgilwa, limfice elele ngenxa yezinhlungu ebhandishe isitho nasemathangeni womabili, engakwazi nokuhamba kahle, esebenzisa induku.
“Sithole umbiko obuthi kuyasha. Ngesikhathi sizama ukucima, kuqapheleke ukuthi amalangabi omlilo angaphezu kwamandla, induna ebisigadile yasiyalela ukuthi siqhele bese sizame ukuqhamukela ngakolunye uhlangathi. Kodwa ngokushesha, umoya uvunguze wabheka ngalapho bese singakhona usunamandla kakhulu,” usho kanje.
Uthe ubephambili asebenza nabo bengemuva kwakhe, ngesikhathi ephenduka ubengasaboni muntu kodwa ezwa ngesililo, wazama ukubaleka kodwa amalangabi esevele emhangulile njengoba izinto abezigqokile kudingeke azikhumule sezivutha.
“Ngesikhathi ngibaleka, bekunzima ngoba sibeletha isigubhu emhlane esinamalitha awu-20 amanzi, okwenza kubenzima ukugijima naso. Ngicabanga ukuthi abaningi bahlulwe ukugijima naso ngoba indawo beyenyukela siphefumula intuthu,” kuqhuba yena.
Uthe bebeqeqeshwe izinsuku ezintathu kuphela kanti ezimbili kuzona besekilasini befundiswa ngomlilo. Uthe baqashwe yinkampani i-Formusa kasonkontileka osebenza ngaphansi kwenkampani, i-Sappi yaveza ukuthi alukho usizo asalutholile ngisho lokwelulekwa ngokomqondo. Uthe emva kokuqeqeshwa, azikho izitifiketi abanikwe zona.
Uveze ukuthi ubesanamasonto yena nabanye asebenza nabo beqashiwe, kanti umqashi ubebabambela kuphela imali ye-Unemployment Insurence Fund.
Kulesi sigameko kudlule emhlabeni abesifazane abahlanu nowesilisa oyedwa, kanti omunye wesilisa kuthiwa isimo sakhe sibi esibhedlela.
Kwabadlule emhlabeni kulesi sigameko kukhona; uNksz Ntombifuthi Ngcobo, Nksz Ntombikhona Nxele, Mnuz Vusi Radula, Nksz Nonsikelelo Zuma, Nksz Khethiwe Ngcobo noNksz Mabongi Sishane.
UNksz Amanda Sishane ongudadewabo kaMabongi, uthe bewumndeni bafe olwembiza ngokulahlekelwa udadewabo kule nhlekelele.
“Bekuwuyena kuphela osebenzayo futhi esondla ekhaya. Sekusele mina, izingane zakhe ezintathu neyami nomama lapha ekhaya. Bekungunyaka wakhe ka-12 esebenza e-Formusa kanti ubengasisona isicimamlilo kodwa bebecelwa nje ukuthi benze lo msebenzi uma sekufike ubusika beqeqeshwe izinsukwana, uma kuqala ihlobo baphindele emsebenzini wabo wokutshala amahlathi,” usho kanje.
Kuthintwa osebenza ophikweni lwezicishamlilo eThekwini osemnkantshubomvu kulo msebenzi ocele ukungadalulwa, uveze ukuthi ukuqeqeshelwa lo msebenzi kuthatha izinyanga ezine zonke futhi ngaphambi kokuqasha kuningi okubhekwayo kumuntu kubalwa nesimo sakhe sempilo.
UMnuz Alson Ngesi okhulumela iFormusa, uthe abasebenzi babenikezwe ukuqeqeshwa okwanele, kodwa wavala ucingo ngesikhathi ecelwa ukuthi aqinisekise ukuthi baqeqeshwa izinsuku ezintathu kuphela.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa noNdunankulu esifundazweni uMnuz Thami Ntuli nabanye abaphathiswa beminyango, bahambele imindeni ukuyobhonga emsanweni. UHlabisa uthe ngokombiko, umonakalo odalwe imililo ehlasele lesi sifundazwe ulinganiselwa ku-R90 million.