UKUQHUMA okwenzeke ngaphansi komhlaba enkabeni yedolobha eGoli ngoLwesithathu ntambama kuzothwalisa kanzima abagibeli bamatekisi nomphakathi wonkana.
Lokhu kudalulwe ngunobhala weSantaco eGauteng, uMnuz Graham Fritz izolo.
Kushone umuntu oyedwa, kwalimala abangaphezu kwabangu-48, kwathinteka izimoto ezibalelwa ku-34 kucekelaphansi umgwaqwo uLilian Ngoyi (Bree).
Izolo uNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe izohenqwa ngocingo oluhlabayo indawo yesehlo kungene kuphela abagunyaziwe nabahlali abanezimvume.
UFritz uthe ukuhenqwa kwale ndawo kusho ukuthi abasebenzisa amatekisi bazogitshezwa kude futhi behliswe ebangeni eliqhelile, balubashe ngonyawo ngoba umgwaqwo uzovalwa
“Okusikhathazayo wukuthi njengoba kuvalwe uBree, amatekisi azobe ehamba kuphi? Abezokuthutha bazosinikeza miphi eminye imigwaqo ukuba siyisebenzise? Asazi kuzothatha isikhathi esingakanani kulungiswa umonakalo,” kuchaza uFritz.
Uqhube wathi iziphathimandla azikabatshelli lutho ngohlelo lokuhamba ngoba amatekisi anemizila ahlahlelwe ukuba ayisebenzise okugunyazwa yizimvume, abavele bazenzele nje.
Kulindeleke ukuthi nabanikazi bamatekisi bashayeke ephaketheni njengoba kunokuphazamiseka kanti nalabo abalinyalelwe yizimoto kuzomele bazikhande noma bakhokhe okuthile phambili uma befaka izicelo zokukhandelwa yimishwalense yabo, uma izicelo zabo zamukelwa...
ULesufi uthe abantu abayisishiyagalombili baselashwa esidledlela.
Uthe baphezu kophenyo lokuthola umndeni woshonile.
“Izimoto ezilimale kulesi sigameko zibalelwa ku-34, iningi lazo okungamatekisi athutha umphakathi. Iningi lazo sezithathwe ngabanikazi, ezinye ezilimele kakhulu zisagcinwe endaweni yesehlakalo kuze kuphothulwe uphenyo,” kusho uLesufi.
Uqhube wathi ophenyweni abalwenzayo babize nonjiniyela bezinkampani ezinamapayipi namakhebuli ahamba emathunjini edolobha ukuba balekelele.
“Abantu abahlala emigwaqweni asazi bashonephi emuva kwesigameko ngoba bebengasabonwa nangalukhalo. Abakhahlamezekile sibahlelele ukuthi bahlale esakhiweni esiku-3 Kotze Street,” kusho uLesufi.
IMeya yaseGoli uMnuz Kabelo Gwamanda, usole ukucinana kwamapayipi ahamba ngaphansi komhlaba wathi kungenzeka ukuthi yikhona okudale akubize ngenhlekelele.
Ubonge ithimba lezinhlekelele nabezimo eziphuthumayo ngokusabela eduzane bahlenga impilo yabantu.
USolwazi Maeyane Steve Moeng, oyinhloko yekomiti ophikweni iTrauma and Disaster eCharlotte Maxeke Academic Hospital, uxwayise umphakathi ngobungozi bokugijimela endaweni yesehlakalo uma kusanda kwenzeka inhlekelele.
UMoeng uthe kusuke kuseyingozi ukuba kuleyo ndawo kodwa abantu bagoloza noma sebesuswa ngabatakuli nabezimo eziphuthumayo bejahe ukushutha baqophe namavidiyo bebeka impilo yabo engcupheni.
UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uNkk Nomantu Nkomo-Ralehoko, uhambele esibhedlela iCharlotte Maxeke Academic, eyobona abalimele wathi bathola ukwelashwa okusezingeni elifanelekile.
Umengameli weBlack Business, uMnuz Kganki Matabane, udlulise amazwi enduduzo emndenini oshonelwe wathi uyethemba kuzophenya onjiyela abafanelekile nokuthi luzoshesha uphenyo.
UMatabane uthe inkaba yedolobha iyisizinda samabhizinisi amancane.
“Nakuba umgwaqo ungeke uvulwe ngokushesha ukuba uhambe izimoto kodwa sinethemba osomabhizinisi namakhasimende, bazofinyelela kalula ezindaweni zebhizinisi,” kusho uMatabane.
Uthe bazofakana imilomo nobuholi bedolobha kubhekwe ukuthi angawanxephezela kanjani amabhizinisi akhahlamezekie ukuze aqhubeke asebenze ngoba ukuvalwa kwawo kungandisa isibalo sabangasebenzi.