SIQHOQHOBELWE ngowesifazane uNksz Mahlengi Bhengu, isikhundla sokukhulumela i-ANC kuzwelonke, emuva kokuqokwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu.
I-ANC ibambe umhlangano wesigungu esiphezulu e-Esselenpark, eKurhuleni, kusukela ngoLwesithathu kanti kulindeleke ukuthi usongwe ngeLekgotla kusasa.
Kulindeleke izinguquko eziningi kwi-ANC njengoba isanda kubuya engqungqutheleni yayo yokukhetha ubuholi ebingoDisemba, eGauteng. Kulindeleke ukuthi kukhethwe ikomiti lokusebenza lansukuzonke namanye amakomiti abalulekile.
Umkhulumeli wenhlangano omusha kuvela ukuthi waba wusihlalo wokuqala wenhlangano Umsobomvu Youth Fund, nesibizwa ngeNational Youth Development Agency (NYDA). Izindaba zokuqokwa kwakhe zimenyezelwe nguNobhala - Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbaula kuTwitter wakhe. Ungena esikhundleni sikaMnuz Pule Mabe, oqokwe ngo-2017 emuva kwengqungquthela eyayikhetha ubuholi eNasrec, eGauteng. UMabe ubhale kuTwitter evalelisa kwabezindaba esho ukuthi bekunzima kodwa bebesebenzisana kahle.
Umkhulumeli omusha uzosebenza ngokugcwele ekomkhulu le-ANC, eLuthuli House.
Ungomunye wabantu abakhethelwe esigungwini esiphezulu senhlangano ngonyaka odluke.
UMbalula ucashunwe ethi ngenxa yomsebenzi omningi kwezokuxhumana bazofaka abantu abathe xaxa ukuze bakwazi ukusebenza ngendlela efanele.