KUZOCACA kusasa ukuthi sizothathwa wubani isikhundla sephini lemeya kuMasipala waseThekwini.
Umhlangano womkhandlu oyisipesheli uzokhetha ozongena kulesi sikhundla uphinde ukhetha nosotswebhu omkhulu emkhwandlwini.
Lezi zikhala zavuleke ngasekupheleni konyaka owedlule.Esephini lemeya sivuleke emva kokugqabuka kwegoda phakathi kukamengameli we-ABC, uMnuz Philani Mavundla, ne-ANC.
UMavundla ukhishwe esikhundleni emhlanganweni womkhandlu wokugcina obungonyaka owedlule.
Isikhala sikasotswebhu sona sivuleke emva kokwesula kukaMnuz Thembo Ntuli, oseyilungu lesigungu esiphezulu emkhandlwini.
Izolo umhlangano wesigungu esiphezulu uzwe ngohlelo oluzolandelwa uma sekuvalwa lezi zikhala. Izikhala zizovalwa emhlanganweni womkhandlu oyisiphesheli ozokuba kusasa.
Ngokombiko owethulwe yimenenja kamasipala, uMnuz Sipho Mbhele, wonke amakhansela anxuswa ukuba aphathe omazisi ukuze ezokwazi ukuvota emhlanganweni womkhandlu.
“Wonke amakhansela anelungelo lokuba yingxenye yomhlangano. Kuzovulwa ithuba lokuba kuphakanyiswe labo okufanele bakhethelwe ezikhundleni. “Uma seluvaliwe uhlelo lokuphakanyiswa kwamagama abagaqele izikhundla, kuyobe sekushicilelwa iphepha lokuvota.”
Phezu kwalezi zikhala kuzophinde kuvalwe nesikhala esisodwa sigungwini esiphezulu. Lesi sikhala savuleka emva kokwesula kwekhansela le-ANC, uMnuz Thanduxolo Sabelo, oseyikhansela elejwayelekile.
Izolo amaqembu ezepolitiki abevalelene ezingxoxweni ngodaba lokuvalwa kwazikhala.Kubukeka ikhansela le-NFP, uNksz Zandile Myeni, kuyilo eliphambili emjahweni wesikhundla sephini lemeya.
I-NFP iyingxenye yamaqembu amancane asindise i-ANC ngesikhathi amanye amaqembu aphikisayo efuna ukuyikhipha emkhandlwini.
I-ANC kayizange ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse uMasipala waseThekwini ngokuzimela.
Ngesikhathi kukhethwa ubuholi bomkhandlu ngo-2021, amaqembu aphikisayo amakhulu, iDA, IFP ne-EFF abekhande umbimbi obekuhloswe ukuthi kukhishwe ngalo i-ANC.Kepha amaqembu, iningi lawo anezihlalo ngazinye, avota ne-ANC.
La maqembu amancane abeholwa nguMavundla ngaleso sikhathi.Njengamanje uNksz Myeni wuyena ohola la maqembu.
Kukholakala ukuthi amaqembu amancane afuna kufakwe yena ukuze aqhubeke nokweseka i-ANC.
Ngakolunye uhlangothi akucaci ukuthi amanye amaqembu ezepolitiki wona azowaphakamisa yini amagama abantu afuna bangenele umbango wesikhundla.
Iningi lamaqembu lithe lizokuba nemihlangano namhlanje lapho kuzoxoxwa khona ngalolu daba.