KUNZIMA ukwamukela okulehlele itshitshi elineminyaka engu-12 elihamba uMkhosi woMhlanga elidlwengulwe ngeledlule KwaDabhasi KwaNongoma.
Ilungu lomndeni kamgilwa elingeke lidalulwe ukumvikela, lithe umsolwa ongaziwa kahle kodwa ongowakhona endaweni yaKwaNongoma umdlwengule umgilwa ubusuku bonke.
Lilandisa ngesigameko lithe umgilwa wayesuke ekhaya ehamba nenye intombazane (16) bethunywe esitolo ngo-Okthoba 30.
Lithe kwathi besahamba emgwaqweni kwaqhamuka imoto kamsolwa, yama eduze kwabo, maqede wabaphoqa ukuthi bangene kuyona.
“Emva kokunqaba kwabo, bathi wagcina eyitholile indlela yokubasabisa, wase eshaya echitha nabo eya kubo,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe kwathi uma efika nabo kubo, wabafaka ezindlini ezahlukene, maqede wadlwengula oneminyaka engu-12, emsabisa ngokumbulala nawo wonke umndeni wakhe uma eke wabika ngesigameko.
“Waze wabadedela ekuseni ngoMsombuluko. Bathi uma befika ekhaya, bashaywa, bebuzwa ukuthi balalephi, nokuyilapho okuvele khona ukuthi oneminyaka engu-12 udlwenguliwe,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe bavuka baya esibhedlela ngoLwesibili, odokotela bafike bakuqinisekisa ukuthi ngempela udlwenguliwe.
Lithe bazamile ukuvula icala kodwa amaphoyisa abasabisa ngokuthi kuzoboshwa bona uma beke balivula icala.
“Abasola ngokuthi bayamazi umsolwa, bathandana naye yikho kuzogcina kuboshwa bona uma beqhubeka nokuvula icala,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe kusukela ngaleso sikhathi umgilwa ubukeka engakwazi ukubhekana nesigameko.
“Isikhathi esiningi uhlale ekhala. Siyasola ukuthi ukuthola kunzima ukwamukela okwenzeke kuye ikakhulukazi ngoba ubehlolwa. Uke wakuveza ukuthi kubuhlungu ukuthi ngeke esahamba nezinye izintombi,” kusho ilungu lomndeni.
Liveze ukuthi kuze kwaphoqa ukuthi bamtshele ukuthi usazoqhubeka ahambe nazo izintombi yize ehlakalelwe isehlo esinje angazicelelanga sona.
Lithe bafuna ubulungiswa.
“Sibuyele emaphoyiseni njengoba ngikhuluma nje (esho izolo) ukuyozama ukuvula icala futhi ngoba siyafuna aboshwe umsolwa. Asidingi ukuthi aqhubeke ahlale emphakathini onezingane zethu ngoba uyingozi kuzona,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe isihluku esenziwe umsolwa edlwengula umgilwa ubusuku bonke siyafana nokuthi umbulale ephila. Lithe indaba yokuhlolwa umgilwa uyiqale emncane futhi ubeyithanda ngenhliziyo yakhe yonke.