KUSENZIMA ukwamukela emndenini wephoyisa okuthiwa libulawe ngunina wezingane zalo ezintatha zangeSonto.
UConstable Nsindiso Ndlovu (28) waseBhambayi, eNanda, kuthiwa udutshulwe wafa ngunina wezingane zakhe ezimbili emva kwengxabano.
Kulesi sigameko, kuthiwa umsolwa obenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe, ubuye wazidubula naye ekhanda kodwa wangafa.
Ngokusho kwelungu lomndeni elingudadewabo kamufi, uNksz Snenhlanhla Ndlovu, umsolwa usesibhedlela kanti uhlinziwe kwakhishwa ingane isaphila.
Echaza, uthe yize bengenalo ulwazi oluphelele lokuthi lezi zithandani ebese zithandane iminyaka elinganiselwa kwemithathu zibangeni, kodwa phambilini zike zabanga ukuthi umufi kukhona owesifazane amkhulelisile.
"Ngokolwazi lwethu besithi bakukhulumile badlula kukhona kodwa manje uma sekwenzeka kanje, sesididekile," kusho uNksz Ndlovu.
Elandisa Isolezwe ngokwenzeke ngosuku lwesigameko, uthe bavuswe wumsindo wesibhamu esiqhume kaningi.
Uthe amalungu omndeni, okukhona kuwo naye, umfowabo kaNdlovu nonina wakhe, Isolezwe elifike kulo muzi kuthiwa usaye emakhazeni, avukile ayoqalaza ukuthi siqhuma kuphi isibhamu ngoba bekucaca ukuthi sisho eduze.
"Siphumile kodwa sangabona lutho, sabuyela endlini ngoba besizitshela ukuthi kusho ukuthi isibhamu besiqhuma emgwaqweni," kusho yena.
Uthe ngemuva kwesikhashana, babuye bawusola umgqakazo ngokuthi uNdlovu athule, angaphumi endlini uma kukhona ukuqhuma kwesibhamu okwenzekayo endaweni ngoba ujwayele ukuthi aphume ayobheka.
"Sibuyele ngasendlini yakhe engaphandle samumemeza kodwa lutho ukusabela," kuchaza uNksz Ndlovu obekhihla isililo.
Uthe bagcine besebenzisa iwindi ukujombela ngaphakathi endlini, bafica uNdlovu elele phezu kwethantala legazi embhedeni engakhulumi, edubuleke ezindaweni eziningi.
"Unina wezingane zakhe yena ubehleli egunjini lokugeza, naye elimele. Yena ubesakwazi ukusabela uma ebizwa," kusho uNksz Ndlovu.
Uthe baphuthunyiswe emtholampilo wendawo, lapho okufike kwathiwa khona uNdlovu useshonile. Uthe umsolwa yena udluliselwe esibhedlela iMahatma Gandhi, nokuyilapho afike wahlinzwa khona, yakhishwa ingane esiswini.
Uveze ukuthi umsolwa ubenguweta kwenye yama-casino aseThekwini kanti umufi ubesebenza eNtuzuma, ophikweni oluphenya amacala odlame lwasemndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala aphathelene nocansi.
Umndeni uveze ukuthi ungene embuthweni ngo-2019 kanti ukuba yiphoyisa bekuwumsebenzi akhula evele enephupho lokuwenza.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalesi sigameko.