UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthi kuningi okusengenziwa ukuqinisekisa ukuvikelwa kwamalungelo abantu baseNingizimu Afrika.
URamaphosa uthe yize kukuningi okwenziwe kule minyaka engu-30 eyedlule, lide ibanga okusafanele lihanjwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi evula ingqungquthela ebibizelwe ukuzobhunga udaba lwamalungelo abantu.
URamaphosa uthe inkohlakalo nokungahanjiswa kwezidingo emphakathini kuphazamisa imizamo yokuvikela amalungelo abantu.
“Siyavuma ukuthi kuningi okusadinga ukwenziwa. Inkohlakalo nokwehluleka komasipala ukuhambisa izidingo, kubukela phansi imizamo yokuvikela isithunzi sabantu bakuleli.
“Sonke sihlalelwe umsebenzi omkhulu wokuvikela amalungelo abantu. Abantu bakithi kufanele bathole zonke izidingo zabo. Yinde indlela esasihlalele. Sineminyaka engu-30 sathola inkululeko, nesayithola emva kweminyaka eminingi siphila ngaphansi kohulumeni wobandlululo,” kusho uRamaphosa.
Uthe eminyakeni engu-30 eyedlule kuningi okwenziwe ukuvikela amalungelo abantu nesithunzi sabo kule lizwe.
Eminyakeni eyedlule uthe sasaziwa njengezwe elicindezela abantu, kodwa manje saziwa ngokuhlonipha amalungelo abo. Kufanele siziqhenye ngebanga eselihanjiwe.
Uqhubeke ngokuthi ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi kushaywe imithetho eminingi ethuthukisa abesifazane.
“Namhlanje baningi abesifazane abaphethe izikhundla eziphezulu kuhulumeni nasezinkampanini ezizimele. Ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo abesifazane babecindezelekile kakhulu. Miningi imithetho esiyishayile evikela abesifazane nezingane odlameni lwezobulili, ” kusho umengameli.
Udalule nokuthi ingxenye enkulu yesabelomali sikahulumeni iya ekuvikeleni amalungelo abantu.
Uthe baningi abantu manje asebethola ithuba lokufunda, abakwazi nokusebenzisa imitholampilo, ezikoleni kutholakala ukudla, futhi baningi abantu abathola izibonelelo.
Uyivumile eyokuthi izibonelelo azanele, abantu badinga imisebenzi, uthe bayazama ukudala amathuba emisebenzi.
Uthe isinqumo abasithatha sokweseka abantu basePalestine ngesikhathi kusuka impi eGaza ngoba bayazi ukuthi kunzima kangakanani ukuphila ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo.
Elakuleli lamangalela elakwa-Israel enkantolo yamacala amazwe omhlaba, liyisola ngokusoconga abantu basePalestine kulempi esidlule nemiphefumulo engaphezu kuka-30 000.
“Nathi siphilile ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo iminyaka eminingi. Maningi amazwe asesekela, silwela inkululeko. Inkululeko yethu kobe ayikagcwali kahle uma abantu basePalestine bengakakhululeki,” kuphetha uRamaphosa.