IJACOB Zuma Foundation iphawule kafishane enkundleni yokuxhumana, iTwitter emva kwesinqumo senkantolo ngesikweleti esenziwa owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma ebhange iVBS.
Ngo-2016 ngesikhathi uZuma efakwa ingcindezi ngezindleko zokulungiswa komuzi wakhe waseNkandla, waveza ukuthi uhambe wayoboleka imali eVBS,
Imibiko yabezindaba iveze ukuthi ibhange linayo imvume yokuthatha impahla ephakathi, imfuyo nokunye ukuze kukhokhwe isikweleti sakhe esinguR6.5 million asikweleta ibhange.
Isinqumo sikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu evune ibhange ngoLwesibili.
IJacob Zuma Foundation ithe iyasiqonda isinqumo senkantolo odabeni oluphakathi kweVBS noZuma.
"IFoundation nomengameli Zuma basazosibhekisisa kahle isinqumo senkantolo, bathinte ithimba labo labameli, uma kunesidingo izokhipha isitatimende," kusho i-foundation.
Abezindaba bathole ukuthi kusukela ngo-2018 ngesikhathi uZuma ehla esikhundleni, waqala waba nenkinga yokukhokha izitolimende zakhe zesikweleti sakhe ebhange.