ZISEKUDE ukuphela izinkinga zengqalasizinda ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, njengoba uzobhekana nengwadla yokulungisa izikole kulandela ukuncishiswa kwesabelomali.
UMphathiswa wezeziMali esifundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni, umemezele ukuthi esabelweni sokuphucula ingqalasizinda kowezeMfundo, kuthathwe uR296.4 million.
Lokhu kuncishiswa kwalesi sabelo kusho ukuthi kungase kube nokuphazamiseka ekwakhiweni kwezikole ezintsha, ukulungiswa kwalezo ezife amawindi nezicabha, futhi ngeke aqedelwe amathoyilethi omgodi, ezinye ngeke zibiywe kanti ezinye zizoma nse izinhlelo zokuziphucula.
UNkk Nkonyeni othule isabelomali esibuyekeziwe muva nje, uveze ukuthi akusona kuphela lesi sabelo sengqalasizinda esizoncozulwa kodwa kuzophinde kuthathwe nenye imali enguR8.3 million ohlelweni i-Early Childhood Development (ECD).
I-ECD isanda kungena ngaphansi koMnyango wezeMfundo isuka eMnyangweni wokuThuthukiswa koMphakathi.
Ohlelweni lokufundisa nge-HIV ne-AIDS, kuzoncozulwa uR3.1 million.
Esabelweni seMaths, Science neTechnology, kuzoncozulwa uR8.1 million.
"Lokhu sikwenza emuva kokuba uNgqongqoshe kazwelonke, uMnuz Enoch Godongwana, amemezela ukuthi kumele sehlise ukusetshenziswa kwemali kuhulumeni ngoba incane imali eqoqiwe ekubeni sisikhulu isabelo samaholo abasebenzi. I-KZN izoncozulelwa isabelo ngoR1.3 billion.“
UNkk Nkonyeni uthe iminyango kumele ibuyekeze indlela esebenzisa ngayo imali.
Usho lokhu nje, kuvele kunokukhala ezinhlakeni ezehlukene zezemfundo esifundazweni kusuka ezikhulwini zesifundazwe kuya ezinyunyaneni zothisha.
Zikhala ngokuthi umnyango uhluleka ukukhokhela izinsiza okubalwa ugesi namanzi kwezinye izikole, okwenza uvalwe kanjalo nasemahhovisi alo mnyango.
Izikhulu zezemfundo zikhala ngokuthi isabelomali sokukhokhela abasebenzi asenele njengoba ingenele imali efakiwe ukuhlangabezana nokunyuswa kwaso.
UNkk Nkonyeni umemezele ukuthi uMgcinimafa kuzwelonke utshale uR3.8 billion, eminyangweni wezeMfundo nowezeMpilo ukuhlangabezana nokunyuswa kwamaholo abasebenzi.
“Isivumelwano sokunyuswa kwamaholo kulo nyaka sidinga uR5.4 billion. UMgcinimafa ufake kuphela uR3.8 billion, kule minyango yomibili kuphela bekumele ukuthi ikwazi ukwehlisa umthwalo ebhekene nayo yokukhokhelwa kwabasebenzi. Eminye iminyango ayizange ithole lutho oluthinta ukunyuswa kwamaholo. Kuzomele ihlwaye ezinhlelweni ezithile ukuze ikwazi ukukhokhela lawa maholo. Kwayona le mali efakiwe kule minyango yomibili, ayenele ukuthi ikhokhele zonke izindleko zokunyuswa kwamaholo,” kusho uNkk Nkonyeni othe owezeMfundo uthole uR2.3 billion wamaholo kwathi owezempilo wathola uR1.5 bililion.
Uveze ukuthi eMnyangweni wezeMpilo kuthathwe uR275.4 million ezinhlelweni ezehlukene okubalwa noR90.4 million, emalini yokuvuselela izakhiwo.