ABE-GIFT of the Givers bafike qathatha emijondolo yakuKennedy Road ngeSonto ekuseni kulandela ukungqongqa kwemikhukhu.
Ayikaziwa okwamanje imbangela yomlilo oshise imikhukhu ebalelwa enkulungwaneni entathakusa ngeSonto. Omunye wabahlali kule ndawo utshele abezindaba ukuthi uvuswe wumakhelwane wakhe emtshela ukuthi nangu umlilo usondela ngasendlini yakhe.
“Bengicabanga ukuthi uyadlala, kodwa ngithe ngiphuma ngabona ilangabi. Ngiphoqeleke ukuba ngizame ukukhipha izingane zami ezincane sithole indawo yokukhosela,” kusho yena.
Uthe kubuhlungu okubehlele njengoba belahlekelwe yikho konke abebenakho.
“Sicela usizo bandla, kushe yonke into, asinalutho sicela izingubo, sicela ukudla, sicela nezindlu angazi ngingathini sesikhathele ukuhlala kule ndawo.
UMnuz Nkulumo Dube okhulumela abezicishamlilo eThekwini uthe bafike ngobuningi babo bezobhula ilangabi ngemuva kokubikelwa ngomlimo.
UDube uthi ngeshwa kushone umuntu oyedwa, kanti kubikwa ukuthi kunengane elahlekile okungaziwa ukuthi ikuphi okwamanje.
“Safaka ubuchwepheshe bama-fire detector kule ndawo ukuze abahlali bezokwazi uma kuqala umlilo,” kusho uDube esendaweni yesigameko