INHLANGANO esiza abanezifo zengqondo, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), isigqugquzele abantu bakuleli ukuba behlise otshwaleni.
Iveze ukuthi abanye bancamela ukuphuza utshwala kunokuthenga ukudla okunomsoco.
Icele abantu ukuba basheshe bafune usizo uma becabanga ukuthi banenkinga yophuzo oludakayo.
Udokotela wengqondo waseCape Town, uDkt Timmy Joji ubenesithangami sokucobelelana ngolwazi nabeSadag exwayisa ngobungozi bophuzo oludakayo.
“Uma unomuntu onenkinga yotshwala kubalulekile ukuthi ube nozwelo ngoba loyo muntu uzama ukubhekana nesimo esithile ngokusebenzisa utshwala.
“Abantu abanenkinga yotshwala abaziboni. Abanye abafuni nokusizwa. Kubalulekile ukukhuluma nabo ngendlela ekahle, ungabahluleli,” kusho uDkt Joji.
Ucele abanenkinga yophuzo oludakayo ukuthi bangabi namahloni futhi bangazehluleli, kodwa bathinte iSadag ngoba ikhona ukubasiza.
Uthe bangakhuluma nomeluleki ku-whatsapp ngokushayela u-087 163 2025.
Bangashayela u-0800 12 13 14 lapho bezokhuluma nomeluleki osiza abanenkinga yotshwala.
Bangathumela futhi isms ku-32312 ukuze balekelelwe. Usizo lumahhala kanti lutholakala nsukuzonke.
UJoji uthe kukhona nezinhlangano ezisiza abanenkinga yophuzo njenge-Alcoholics Anonymous (AA) eba nemihlangano kuzo zonke izifundazwe zakuleli.
Abafisa ukuthi ibasize i-AA, bangangena kwi-website yale nhlangano ethi www.aasouthafrica.org.za ukuthola umhlangano oseduze nabo.
Nazi izimpawu okufanele zisukunyelwe:
Ukuhlale ufuna utshwala ukuze uzizwe ngendlela ethile.
-Ukungazizwa kahle uma ungaphuzanga utshwala. Kungenzeka uqhaqhazele, ujuluke, ucanuzelwe yinhliziyo, ungahlaliseki kahle, usheshe ucikeke noma uzizwe ukhathazekile.
-Ukungenzi lokho okulindeleke kuwena, isibonelo ungayi emsebenzini, esikoleni noma ungafuni ukuba nomndeni wakho ngenxa yotshwala.
Kungenzeka ehle amamaki akho esikoleni uma uwumfundi, ulove esikoleni noma uxabane nabantu obathandayo.
-Ukushintsha kwendlela oziphatha ngayo, abanye bashintsha esikhaleni babe nolaka ngenxa yokuphuza kakhulu noma ukungabutholi utshwala.
-Ukungamukeli ukuthi unenkinga yotshwala, uma abanye bekhuluma nawe. Lokhu kwandisa izinkinga zakho.