Kukhuthazwe amadoda ukuba aphumele obala uma kukhona izinselelo abhekene nazo empilweni ukuze ezogwema ukuzibulala noma ukubulala labo abasondelene nawo.
Lona bekungumongo wezinkulumo ezahlukene ebezithulwa ngemuva kwemashi yabesilisa abasemkhakheni wamaphoyisa. Imashi yangoMsombuluko ibisuka epaki iKing Dinuzulu yaphelela eCity Hall, eThekwini.
Ibihlelwe yinhlangano ebunjwe ngamadoda, Isukuma Sakhe Ndoda eholwa nguMbhishobhi Bhekimpi Mchunu.
UMchunu uthe kule nhlangano bayakholelwa kakhulu ekutheni amadoda kumele azijwayeze ukubhoboka njalo uma kukhona izinkinga abhekene nazo.
UBrigadier Eric Thwala onguSihlalo wamadoda angamaphoyisa KwaZulu Natal akwaSAPS uveze ukuthi amadoda amaningi azithola enengcindezi emsebenzini nasemakhaya.
"Siyanikhuthaza bantu besilisa ukuthi ningesabi ukukhuluma nanoma yikuphi enibhekana nakho,'' usho kanjena.
Uthe amadoda kwesinye isikhathi azithola enengcindezi ngenxa yezezimali nokubhimba kwezinto ebudlelwaneni abakubona.
"Siyanikhuthaza ukuthi nikhulume isikhathi sisakhona ukugwema izinto ezingalungile,'' echaza.
Wenze isibonelo ngesigameko esibe wundabamlonyeni lapho iphoyisa loMkhandlu weTheku, uConstable Sizwe Ngema (27) lisolwa ngokubulala ngesihluku intombi yalo, uNksz Bianca Khuzwayo (23), maqede laqopha i-video layifaka ezinkundleni zokuxhumana.
UNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uMnuz Thami Ntuli uwadonse ngendlebe amadoda wathi angalenzi iphutha lokukhohlwa ukondla imindeni yawo.
Uthe indoda eqotho ibonakala ngokunakekela umndeni futhi iwuvikele uma kunesidingo sokuba yenze kanjalo.
Uzwakalise ukungenami kwakhe ngokuba seqhulwini kwendawo yaseNanda uma kukhulunywa ngezibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Uthe kukhona okumele kwenziwe ngalesi sihlava njengoba kuvela ukuthi angu-641 amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane avulwe esiteshini samaphoyisa saseNanda kusuka ku-Ephreli 2023 kuya ku-Ephreli 2024.
IPhini leMeya leTheku, uNksz Zandile Myeni uphosele amadoda inselelo yokuthi abhodle ngazo zonke izinkinga anazo.
Uthe lokho kungaholela ekutheni kube khona izinto ezingagwemeka.