KUSOLWA ukuqonga kwezinkinga zomshado kowesilisa ongene nezicabha lapho kusebenza khona umkakhe, wamdubula wambulala phambi kozakwabo. Isolezwe lithole ngomthombo walo osondelene nodaba ukuthi uJabulisiwe Mthethwa (42), obesebenza ophikweni lwezempilo kuMasipala uMhlathuze, eRichards Bay, udutshulwe ngumyeni wakhe.
Kuthiwa umsolwa ushiye incwadi encane abeyibhalile ebeka izizathu eziholele ekutheni aze ahlasele umkakhe ambulale ngesihluku.
Lesi sigameko esishiye abantu bekhexile senzeke e-Alton, eRichards Bay, nokuyisakhiwo sikamasipala. Umyeni naye usebenzela umasipala kodwa ophikweni lokulungiswa kwemigwaqo.
Kuthiwa umufi ubenza umsebenzi wakhe ngokwenjwayelo ngesikhathi umyeni wakhe efika wathi ukuxoxa naye emuva kwalokho sakhala isibhamu. Kuvela ukuthi umsolwa ubonakale esondela kumufi sakumpintshela ekhoneni wase emdubula esifubeni nasentanyeni.
Kuthiwa kusaphazeke abasebenzi, bebaleka bethuswa yisibhamu. Umthombo uthi umqhulule ngezinhlamvu ezintathu wamshiya edindilize khona lapho waphuma wahamba.
“Uhambe ngemoto yomsebenzi yaze yavinjwa yibo abasemsebenzini. Ngizwe kuthiwa uke wazama nokuphuza idiphu ezama ukuzibulala. Yisibhicongo le nto eyenzekile kodwa vele bebenazo izinkinga emshadweni wabo njengoba sekwenzeka kanje,’’ kusho umthombo uzwakala uthuthumela kuqeda ukwenzeka isigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe likhona icala lokubulala elisetshenzwa amaphoyisa aseRichards Bay.
“Amaphoyisa athole ukuthi kunowesifazane odutshulwe wabulawa esemsebenzini. Umsolwa ushiye incwadi echaza ngokubulala umufi wabaleka ngeloli yomsebenzi. Ulandeliwe umsolwa kwaze kwafikwa emzini wakhe eNgwelezane nalapho okutholwe khona isibhamu esihlikihliwe sacinywa inombolo yaso,’’ kusho uNetshiunda.
Okhulumela uMasipala uMhlathuze, uMnuz Bongani Gina, uqinisekisile ukuthi isigameko senzekile. Uthe umsolwa uqede ukudubula wabaleka ngeloli kamasipala yaze yatholakala ilaxazwe eNgwelezane. Uthe izikhulu zomkhandlu zibadedelile abasebenzi ngoba bebethuke kakhulu.
Uthe abezomthetho bayalusebenza udaba kanti umsolwa ubesagcwele amathafa engaziwa ukuthi ushonephi emuva kokushiya iloli. UGina uthe bewumasipala badlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi.