KUVUKA inyama ogqokweni ngodaba lweMeya yaseGoli uKabelo Gwamanda, osolwa ngokuqola izakhamuzi ngohlelo lukamasingcwabisane.
Lolu daba lwavuswa yiqembu i-ActionSA kodwa manje iFinancial Sector Conduct Authority isiveze ukuthi iyaziphenya lezi zinsolo.
NgoMsombuluko, i-ActionSA ikhiphe isitatimende izwakalisa ukungayethembi le meya nokungenami kwayo ngosomlomo womkhandlu uColleen Makhubele obonakala edembesela ngesiphakamiso sabo sokufuna ivoti lokungayethembi imeya.
Isicelo se-Action SA bekumele silalelwe kuleli sonto kodwa manje sekuvela ukuthi sizoze silalelwe emhlanganweni olandelayo womkhandlu.
UGwamanda usolwa ngokuba nomasingcwabisane obusebenza eGoli kodwa ungabhalisiwe ngaphansi kwe-FSCA nokuchaza ukuthi ubusebenza ngokungemthetho.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ekuseni uMnuz Funzi Ngobeni, we-Action SA uthe zibucayi kakhulu izinsolo ezibekwe uGwamanda yingakho kubalulekile ukuthi ziphenyisiswe kahle.
“Lezi zinsolo ezibekwe uGwamanda zibucayi kakhulu ngoba umuntu obhekene nazo angagwetshwa neminyaka eyishumi esejele,” kusho uNgobeni.
Uqhubeke wathi bazoqhubeka nokuba nezingxoxo namanye amaqembu ayingxenye yomkhandlu ukuqinisekisa ukuthi ohleli esihlalweni sobuholi ngumuntu othembekile nozokwazi ukuhola kahle izakhamuzi.
“Okubalulekile kithi wukubeka izidingo zomphakathi phambili kunokucabanga ngokuhola.
“Asinankinga nomholi ozoqhamuka kwi-DA okunguMpho Phalatse, sizomeseka ngoba okubalulekile ngumphakathi esiwuholayo,” kuqhubeka yena.