IPublic Service Commission (PSC), isihlabe ikhwelo kuhulumeni yathi kuthathelwe izinyathelo ezinqala izikhulu ezingabakhokheli osomabhizinisi abasuke benze umsebenzi ezinsukwini ezibekiwe ezingu-30 zokukhokha.
IPublic Service Commission (PSC), isihlabe ikhwelo kuhulumeni yathi kuthathelwe izinyathelo ezinqala izikhulu ezingabakhokheli osomabhizinisi abasuke benze umsebenzi ezinsukwini ezibekiwe ezingu-30 zokukhokha.
UMnuz Anele Gxoyiya ongomunye wokhomishana kwi-PSC, ekhuluma esithangamini nabezindaba NgoLwesine, uthe kubalulekile ukuthi iminyango kahulumeni ikhokhe zingakapheli lezi zinsuku.
Uthe ukungakhokhi kuwabeka engcupheni yokuwa amabhizinisi amancane.
“Lokhu kuzokwenza ukuthi kudilizwe abasebenzi, kwande izinga lokungasebenzi. Ukukhula kwamabhizinisi amancane ngenye yezinto engakhulisa umnotho kanjalo nokwandisa amathuba omsebenzi.”
Uthe ukungakhokhi ngesikhathi kwenza ukuthi osomabhizinisi bacwile ezikweletini ngoba baboleka imali.
“Kulesi sikhathi esinzima somnotho kuleli kwenza ukuthi amabhizinisi adilize abasebenzi. Lokhu bakwenza ukuze kwehliswe izindleko zebhizinisi.”
Ukhale ngokwanda kwesibalo sama-invoice angakhokhelwe sisuka ku-134 ngoMashi 2022, saya ku-959 ngoJuni 2022.
Uveze ukuthi uMnyango wezokuVakasha, owezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, yiyona enesibalo esiphezulu sama-invoice angakhokhelwe.
Ukhale nangeminyango kahulumeni okubalwa oweMfundo eyisiSekelo, owezoLimo neminye elethe imibiko sekudlule isikhathi.
“Izifundazwe i-Eastern Cape, Gauteng neNorth West zihamba phambili ngokungakhokheli osomabhizinisi. Ezinye izifundazwe azizange zilethe imibiko ngesikhathi. Ezinye zazo kubalwa iLimopo, Mpumalanga neNorthern Cape.”
Uveze nokuthi ezinye zezinto abazitholile ngukuthi eminye iminyango ayiyilandeli imigomo ethinta ukuthengwa kwempahla, imali ayiphethwe ngendlela, ukushoda kwamava kulabo abaphethe.
Ngenyanga edlule uMengameli Cyril Ramaphosa uqoke uSolwazi Somadoda Fikeni njengosihlalo we-PSC njengoba ebebambe kulesi sikhundla kusuka ngoJanuwari nonyaka, noNksz Zukiswa Mqolomba njengephini lakhe.