OSOMABHIZINISI bajabule ngokuqokwa kwesikhulu esiphezulu eTransnet.
NgoLwesine inhlangano yosomabhizinisi, iBusiness Unity South Africa, ithe ukuqokwa kukaNkk Michelle Phillips njengesikhulu esiphezulu eTransnet kuzosiza le nkampani ukuba ikwazi ukuba nozinzo.
UNkk Phillips ubekade ebambile kulesi sikhundla kanti kuleli sonto uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uye wamqoka njengesikhulu esiphezulu. Ubuye waqoka uNkk Nosipho Maphumulo njengesikhulu esiphethe izimali zaseTransnet.
UMengameli weBusa, uMnuz Mxolisi Mgojo, uthe ukuqokwa kwalaba baholi kusho ukuthi kuzoba nozinzo eTransnet.
“Sesisebenze noNkk Phillips izinyanga eziyisithupha njengoba besilungisa ezokuthutha. Ngimbonile ukuthi uwumuntu othanda ukulungisa isimo futhi okholelwa ekwenzeni kunokukhuluma kakhulu. Unesipiliyoni seminyaka ewu-20 ngakho ngimbona ewumuntu ozokwazi ukukhipha iTransnet kulezi zinkinga ebhekene nazo,” kusho uMgojo.
Uthe uNkk Phillips uyakwazi okufunwa wosomabhizinisi nohulumeni ukuze kulungiswe ezokuthutha.
Ubalule ukuthi ukwazile ukwehlisa isiminyaminya samakhonteyna eThekwini nemikhumbi ebilinde ukungena echwebeni.
Wathi ukuqokwa kwakhe kusho ukuthi ngeke uphazamiseke umsebenzi akade ewuqalile wokushintsha isimo.
Uthembise ukuthi osomabhizinisi bazobeseka ubuholi obusha eTransnet ngoba bafuna izwe lisebenze.
Uveze ukuthi ukungasebenzi kahle kwamaguzu namachweba kulahlekisela izwe ngoR1 billion ngosuku. Umkhakha wezimayini ngonyaka odlule ulahlekelwe wuR50 billion ngenxa yalesi simo.
Kuzokhumbuleka ukuthi Isolezwe libike ukuthi i-Anglo Platinum izodiliza abasebenzi abawu-3 712, ikhala ngokungasebenzi kahle kwamaguzu afanele ukuthutha umkhiqizo wayo osuka ezimayini uye echwebeni. Nokungasebenzi kahle kwamachweba akuleli.
Ezinye izinkampani ezifuna ukudiliza abasebenzi zikhala nangogesi onqamuka umlibe.