KUSUKE isixakaxaka umholi wamaNazaretha aseThembezinhle, inkosi uPhinda Shembe engena ngenkani ethempeleni eMbusweni, eNseleni ngoMgqibelo.
Kuleli thempeli kuhlala abeseka inkosi yaseBuhleni inkosi Mduduzi Shembe, uNyazilwezulu okuthiwa bavimbe ngezimoto bethi ngeke angene kuleli thempeli.
Inkantolo yanquma ukuthi inkosi uPhinda nguye umholi osemthethweni wamaNazaretha walezi zinhlangothi zombili.
Izolo ivideo ekhombisa onogada abebehlome bephelele bephelezela inkosi ingena kuleli thempeli isabalale ezinkundleni zokuxhumana. Bekuzwakala amadoda ethi ngeke adlale abantu, asephakathi eMbusweni. Kwenye bekuzwakala amadoda ekhuluma ngesankahlu ethi akususwe izimoto.
Ngokuthola kwaleli phephandaba inkosi uPhinda beyidlula kuleli thempeli ngoba ibiyobona unina ohlala kule ndawo, ibizokhuleka nebandla ebihamba nalo bese iyahamba. Kuthe uma ifika ethempelini yavinjwa ngezimoto ngabebekulona nokuphethe ngokuthi kuphakame imimoya abebehamba nenkosi befuna ukungena ngenkani abebengaphakathi bethi ngeke ingene.
Umthombo waleli phephandaba uthe abaseThembezinhle bavulele ngesibhaxu, befuna ukungena, ebebevimbile baphindisela inkosi yagcina ingenile yathandaza.
Okhulumela abaseThembezinhle uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe inkosi beyingayile ngempi ethempelini kodwa ibiyothandaza idlule futhi bekuhleliwe ukuthi izoya lkhona iphelezelwa amaphoyisa.
"Amaphoyisa akule ndawo ahluleke ukuhlukanisa phakathi komsebenzi wawo awuqashelwe abeka inkolo yawo phambili ngoba nawo angamaNazaretha eseka uNyazi , okwenze ukuthi agcine esethi akukhulunywe nezikhulu ngokuthi aphelezele inkosi ekubeni kade kuvunyelenwe ngokuthi azoyiphelezela ngomzuzu wokugcina ashaya ungqimphothwe. Inkosi ihambe nonogada bayo nebandla. Kucishe kwakubi impela. Ngokwenkantolo umholi inkosi uPhinda kodwa kusekhona abangafuni nokuyizwa leyo.Inkosi inelungelo lokungena kuloya muzi njengomholi webandla nanjengelungu lomndeni akekho okumele ayivimbe. Eyamaphoyisa sizoysukumela siyibike kubaphathi besifundazwe," kusho yena.
UMnuz Thokozani Mncwabe wohlangothi lwaseBuhleni, unxuse ukuthi izinhlangothi zombili zilandele umthetho zingalwi.
" Abafuna ukungena emathempeleni noma emizini ethile yamaNazaretha kumele balandele umthetho nabavimbayo bavimbe ngomthetho hhayi ngezagila nezibhamu. Ibandla lethu lidungeke nje ngenxa yokuthi abantu bafika enkonzweni yethu begula bezokwelashwa, abazange baphenduke, manje lokhu kwenza ukuthi uma kunokushayisana okuthile basheshe balwe kanti ikholwa alilwi, liyathandaza," kusho uMncwabe.
Naye ugxeke amaphoyisa wathi akawenzanga umsebenzi wawo kwaze kwaliwa.