KUGUNYAZWE ukuboshwa kwababili bandawonye, yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu okuthiwa banyamalala kuqhubeka ukuqulwa kwecala lokubulawa kwabathathu.
Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ngenkathi kugwetshwa umfowabo obesele odilikajele abathathu neminyaka engu-30, ngaphezulu emacaleni okukholakala ukuthi bawenza ndawonye nababalekile.
Lawa macala kuthiwa enzeke eMid- Illovo ngo-2021, kuxabene imindeni emibili, okwafa abangu-10 kwakhona nabalimalayo.
UZwelakhe Nene (43) ugwetshwe yile nkantolo udilikajele icala ngalinye, kwamathathu okubulala neminyaka ewu-10 icala ngalinye kwawokuzama okubulala.
Abafowabo oMnuz Mhlonishwa Nene noMvikelwa Nene kuthiwa basagcwele amathafa njengoba bebengasalubhadi enkantolo kuqhubeka ukuqulwa kwecala osekugunyazwe ukuboshwa kwabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe emva kokukhululwa kwabo ngebheyili yinkantolo, kube nelungu lomunye wemindeni exabene eladutshulwa labulawa emasangweni esikole lapho laliwunogada khona, okwenzeka ngoSepthemba, 2021.
“Baphinde badubula babhekisa etekisini elaligcwele abagibeli, esigamekweni okwafa kuso ababili, kwalimala abevile kwababili.
“Abaphenyi bakwazi ukulandela umkhondo, owaholela ekutheni lesi sigameko sihlanganiswe nalaba, kanti uMvikelwa noMhlonishwa banquma ukungabuyeli enkantolo ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, okuholele ekutheni kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwabo,” usho kanje.
Kuvele ukuthi laba baboshwe ngoJuni emva kokuthi itekisi eyayilayishe amadoda ayisishiyagalolunye yavinjwa ngamaphoyisa kwatholakala izibhamu nezinhlamvu.
Abayisithupha ababesetekisini iNkantolo yeMantshi yaseThekwini yabakhulula emva kokuthi bungabanga bikho ubufakazi obubahlanganisa necala.
Okwavela enkantolo ngomlomo kaMnuz Mxolisi Nxasana owayemele omunye wabathathu abathwesa amacala ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili, laba babephuthuma emhlanganweni wokukhethwa kobuholi begatsha le-ANC khona eMid-Illovo ngesikhathi bevinjwa amaphoyisa.
Waveza ukuthi omunye wababesetekisini wayezokhethwa kulo mhlangano, wasola ukuthi kwakuyimizamo yabathile ukubathumelela ngamaphoyisa ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abafiki emhlanganweni.